ISpar Proteas iguqiswe empini yokulwela indawo yesihlanu

Lubhalwe nguMichael Madyirha

INingizimu Afrika ayeneme njengoba ihlulwe ngo 49-47 i-Uganda ngeSonto emdlalweni wokuhlungela indawo yesihlanu eNdebeni yoMhlaba yomnqakiswano ka-2023.

Lo mphumela usho ukuthi ama-Spar Proteas aqeda umqhudelwano endaweni yesithupha njengoba behle ngamaphuzu amabili eNdebeni Yomhlaba bahlala endaweni yesine.

Ukunqoba kwabo okuncane e-Cape Town International Convention Centre kusho ukuthi amahhashi amnyama ase-Uganda ehlise esihlalweni amantombazane kaNorma Plummer njengeqembu elihamba phambili e-Afrika.

I-Uganda iqale ngamandla kunosokhaya, belawula umdlalo kusukela ekuqaleni besebenzisa namaphasi alahlwa iNingizimu Afrika.

Njengoba bephumelele ngesikhathi bebhekene nezinkunzi emidlalweni edlule, ama-Spar Proteas kulokhu athwale kanzima ukuvimba umshayi magoli wase-Uganda uMary Cholhok kanye no-Nassanga Shadiah ebebehlasela.

I-Uganda iqhubekile nokuhamba phambili ngo 12-11 ekupheleni kwekota yokuqala yomdlalo njengoba iqembu likaPlummer lizabalaze ukuzinza, liqhubeka nokwenza amaphutha amaningi.

Kodwa bazamile ukuthola amaphuzu kancane ngesikhathi belinganisa ngo 23-23 ngaphambi kokuba kuyiwe ekhefini.

Lesi simo sinikeze ithemba lokuwina njengoba kwenzeke ngendlela efanayo emdlalweni bebhekene ne-New Zealand ngesonto eledlule.

Kodwa abadlali baseMpumalanga Afrika baphinde bahola umdlalo esiwombeni sesibili ngenxa yendlela yokuzivikela eqinile kanye nobudedengu beNingizimu Afrika.

I-Uganda iqede ikota yesithathu ihamba phambili ngamagoli amabili, okushiye uPlummer edinga iqhinga.

Ngisho sekukhishwa u-Izette Griesel kwafaka uKhanyisa Chawane akuzange kwenze mehluko kumqeqeshi.

Amagoli ka-Elmere van der Berg angu-36 kanye namagoli ka-Nichole Taljaard angu-11 awazange ayisize kangako iNingizimu Afrika ekugcineni njengoba i-Uganda ibambelele ekuholeni kwayo okuncane yanqoba umdlalo.

Esithombeni esingenhla: INingizimu Afrika vs Uganda

Umthombo wesithombe: Netball South Africa

Izihloko zakamuva