ISoweto Derby ngemuva kweminyango evaliwe

Timmy T Maranda

Imikhawulo ka-Covid-19 isho ukuthi i-Orlando Pirates izobhekana nezitha zayo eziyizimbangi i-Kaizer Chiefs enkundleni yezemidlalo i-Orlando ngoMgqibelo enkundleni ecishe ingabi nalutho.

Laba bobabili bazobanga umlenze wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu weMTN 8. Umdlalo uzoqala ngehora lesithathu ntambama.

AmaBhakabhaka ahlule i-Cape Town City azibekisela indawo kowandulela owamanqamu ngenkathi Amakhosi enqoba i-Maritzburg United kuma-quarterfinal ukuze afinyelele emdlalweni owandulela owamanqamu.

Womabili la maqembu kuningi azokudlalela ngemuva kokuhamba amasizini amaningi ngaphandle kwe-silverware.

I-Soweto Derby ejwayelekile izodayiswa ezinsukwini ezimbalwa. Kulokhu abekho abalandeli abazovunyelwa enkundleni.

Owayengunozinti we-Kaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uWilliam Shongwe, oke wawadlalela womabili la maqembu, uthi lena kuzoba yi-Soweto Derby enengwijikhwebu. Kungafana neseshini yokuziqeqesha noma kube nobungani ngoba ngeke kube nabasekeli abajabule enkundleni.

“Ukuphumelela kwe-Pirates kuphela kule sizini kungenkathi idlala ne-Cape Town City futhi babheke ukuthola iwini yesibili bebhekene nezimbangi zabo ezinkulu,” kusho uShongwe.

Ubuye wengeza ngokuthi abafikayo bebengakenzi kahle kwi-Pirates okwamanje kodwa uDeon Hotto kufanele kube ngumdlali obukela lo mdlalo.

Okwamanje, uNkosingiphile Ngcobo ukhombise izimpawu zokukhalipha futhi uzoba ngumdlali ozobheka i-Kaizer Chiefs.

“Mhlawumbe kuyisibusiso esisemfihlakalweni ukuthi i-Kaizer Chiefs ilahlekelwe yisikhalazo se-CAS (ivimbela i-Chiefs emafasiteleni amabili okushintshana ngabadlali). Lokhu kuvulele abadlali abancane iminyango yokukhombisa ukuthi bangadlalela iqembu elikhulu njenge-Kaizer Chiefs” kusho uShongwe.

Umqeqeshi we-Chiefs uGavin Hunt uzoqala ukunambitha umdlalo we-Soweto Derby kanti umqeqeshi we-Pirates uJosef Zinnbauer uzobe ephethe emdlalweni wakhe wesibili waseSoweto.

Isithombe: Sihlinzekwe

Owayengunozinti we-Kaizer Chiefs ne-Orlando Pirates uWilliam “cool cat” Shongwe

Izihloko zakamuva