
Celani Sikhakhane
Imeya entsha kaMasipala wase-Alfred Duma isenkingeni ngemuva kokushayisa imoto yomsebenzi kusaphele izinsuku eziyishumi kuphela ethathe izintambo.
IMeya uZamo Sibisi ube esezimbela umgodi ngemuva kokuzama ukufihla lesi sigameko.
Kusolakala ukuthi uSibisi wayeshayela le moto ebuya emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa ngomhlaka-27 kuZibandlela ngonyaka odlule ngesikhathi imoto yakhe ewuhlobo lwe-Mercedes Benz SUV, ebiza ngaphezu kwesigidi samarandi, ibandakanyeka engozini embi.
USibisi, owaqokwa njengemeya ngomhlaka-17 kuZibandlela, usesolwa ngokuzama ukufihla le ngozi ukuze agweme ukubuzwa imibuzo ngamaqembu aphikisayo.
IMeya iyaziphika izinsolo zokuthi izame ukufihla lengozi.
Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubengashayeli nokuthi ingozi yenzeke ngesikhathi enye imoto iphaphalaza kungazelele muntu emzileni wabo.
“Imoto ibishayelwa unogada wami njengomshayeli oqokiwe. Ngebhadi sisendleleni sivakashele imeya yaseNquthu uMnu uZamo Shabalala, kube nemoto ebizama ukuvika umgodi yaphaphalaza yaqonda emzileni wethu yashayisa imoto yami yomsebenzi,” kusho uSibisi.
Uqhube wathi uyayiphika yonke imibiko yokuthi ubephuzile ngesikhathi kwenzeka ingozi noma imibiko yokuthi ubehamba nabesifazane ngemoto yomsebenzi, futhi usola i-ANC ngokuthi ihambe ifafaza amahemuhemu angamampunge.
“Okokuqala angiphuzi. NgingumKristu ozelwe kabusha,” kusho uSibisi.
“Bengiya eNquthu ngiyofuna izeluleko kwimeya yalelo dolobha ngoba ngisemusha kulesi sikhundla futhi bengidinga umuntu ongangisiza ukuthi ngenze kanjani umsebenzi wami wobuMeya,” kuchaza uSibisi.
“Akukho obekufihliwe ngale ngozi kodwa umasipala uzokhipha isitatimende esisemthethweni esinayo yonke imininingwane okuhlanganisa nombiko wengozi.”
Okhulumela iqembu le-ANC uBheki Khanyile uthe uSibisi ushayise imoto ewuhlobo lwe-Mercedes Benz ngesikhathi esohambweni lwakhe endaweni yaseNquthu.” Imoto ishayiswe imeya obesekuphele isikhathi esingaphansi kwenyanga iphethe yazama ukufihla ingozi. Sishaqekile ukuthi i-DA, i-EFF kanye ne-ABC bathule ngalokhu. Sifuna kwenziwe uphenyo olunzulu ngalesi sigameko,” kusho uKhanyile.