Iskhulu senyuvesi asinyakaziswa izinsongo zokubulawa

Izinkabi ezidume kabi okuyiqembu eliyingozi lababulali abaqashwayo baKwaZulu-Natal sekuphele izinyanga zizingela uSolwazi Sakhela Buhlungu weNyuvesi yase-Fort Hare – kodwa akahlehli ophenyweni lwakhe lokuqeda inkohlakalo eqhubekayo kule nyuvesi, kubhala uZukile Majova

Iphini likashansela wase-Fort Hare, uSolwazi Sakhela Buhlungu akahlehli ophenyweni lwakhe mayelana nehlazo lokudayiswa kweziqu enyuvesi yase-Eastern Cape.

Lokhu kwenzeka nakuba uphenyo lwakhe luphonselwa inselelo osopolitiki abaphezulu, oNgqongqoshe kanye noNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane.

Ngesikhathi kufakwa isicelo sebheyili sabantu abahlanu abathinteka ecaleni lokubulala nokuzama ukubulala abasebenzi basenyuvesi kuvele ukuthi kuthengwe izinkabi ezizobulala uSolwazi Buhlungu ngo-R5 million.

Onogada bakhe ababili babulawe ezigamekweni ezimbili ezahlukene ngesikhathi beshayela izimoto zephini likashansela. Kuzona zombili lezi zigameko uBuhlungu ubengekho ezimotweni.

Phezu kwakho konke lokhu uBuhlungu uzimisele ngokuqhubeka futhi usenxuse uMengameli uCyril Ramaphosa kanye noNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele ukuthi bangenelele odabeni oluqhubekayo enyuvesi yakhe.

UMabuyane osondelene kakhulu noMengameli ufake isicelo esiphuthumayo eNkantolo eNkulu yaseBhisho sokuthi kuvinjwe uphenyo olwenziwa yile nyuvesi nophiko oluphenya amacala angasese mayelana nezinsolo zokuthi uyathinteka odabeni lweziqu.

Lolu phenyo lugunyazwe uMengameli uRamaphosa ngemuva kokuthi kubikwe ukuthi osopolitiki base-Eastern Cape bamukelwa ezinhlelweni ze-honours and masters ngaphandle kokuhlangabezana nezidingo zokungena.

UNdunankulu ngokwakhe usolwa ngokungeniswa kungafanele ohlelweni lweziqu ze-Masters enyuvesi ngenhloso yokuthi kamuva abhalisele i-PhD in Public Administration nakuba eneziqu ze-BCom kuphela.

Uphinde wasolwa ngokuthola usizo kubasebenzi basenyuvesi ngesikhathi ehlanganisa ucwaningo lwakhe ngohlelo lwe-masters.

Phezu kwezinsongo zokubulawa kanye nokukhula kwezicelo zokuthi aphume ukuze aphephe, iphini likashansela lithe lizimisele ukubuyisa isithunzi senyuvesi.

“Inyuvesi ibisebenzisa igunya lababambiqhaza abaningi ukubuyisa isithunzi senyuvesi. “Uphenyo lwangaphakathi nolwangaphandle lusiza inyuvesi ukuthi iqonde, ihlole iphinde ilungise izindaba ezike zaphazamisa lesi sikhungo phambilini,” kusho uBuhlungu.

Ukuqinisekisile ukuthi yena nethimba lakhe ngeke bavume ukuthi uphenyo luhoxiswe wathi bazohlangana noMabuyane enkantolo.

“Ngalesi sizathu siqinisekisa kabusha isibopho sethu kanye nesibopho esingokomthetho sokusebenzisana nezinhlaka zomthetho. Inyuvesi isithathe isinqumo sokuphikisa isicelo sokuvimba uphenyo lwe-SIU futhi izolumela lolu daba enkantolo enkulu.”

Esithombeni esingenhla: Iphini likashansela wenyuvesi yase-Fort Hare uSolwazi Sakhela Buhlungu

Umthombo wesithombe: @SAPoliceService

Izihloko zakamuva