Lubhalwe nguLucky Vince Pienaar
Ume ebheke esitendi esikhulu ecula iculo lesizwe, ubelicula kangcono futhi ezwakala enephimbo elihle enkundleni yomdlalo we bhola lomboxo. Nabalandeli bangenelela, uKeabetswe ‘KB’ Motsilanyane ucule ingxenye yokuqala yeculo, walandelisa ngeyesibili maqede wama wathula emamatheka, eneka izingalo.
Izinkumbu azithathanga nomzumzu, bonke abalandeli abangu-50,000 basukume enkundleni egcwele phama e-Loftus Versfeld bacula ingxenye yokugcina yeculo njengesizwe esibumbene.
Kube umzuzu osazoqhubeka nokuba khona emibhalweni yomlando wezemidlalo yaseNingizimu Afrika isikhathi eside esizayo.
URassie Erasmus uthe ngonyaka odlule: “USiya Kolisi akayona into ebaluleke kakhulu eNingizimu Afrika. INingizimu Afrika iyinto ebaluleke kakhulu eNingizimu Afrika.”
Kungumoya amaBhokobhoko aphile ngawo kule minyaka emine edlule.
USiya Kolisi usekusho kaningi, wakusho ngemuva komdlalo ngoMgqibelo. “Uma sidlala, sidlalela wonke umuntu waseNingizimu Afrika.”
NgoMgqibelo eLoftus Versveld, lowo moya ubonakale ngezwi labantu. Akekho obelapho, futhi akekho obebukele noma ikuphi ezweni nasemhlabeni wonke ongathingekanga ngalokhu obekwenzeka.
Isithombe esingenhla: Isixuku saseLoftus.
Umthombo: Springboks/X