Sizwe Sibiya
Njengoba bekulindelekile, kugcwele ukuziqhenya nenjabulo e-Nigeria, ngenxa yabafana abazibiza ngokuthi i-Ikorodu Bois, njengoba bekhiphe ividiyo encomekayo ku-Netflix ebizwa nge-Squid Game.
Iqembu labafana, elasungulwa izelamani nabangani, lithole udumo emazweni omhlaba benza ividiyo ngemali encane, kodwa eseqopheleni eliphezulu futhi enezinhlobo eziningi zamahlaya ezakha ubuciko bevidiyo yomculo.
Yebo, amavidiyo abo aqala njengama-spoofs amavidiyo womculo, kodwa umsebenzi wabo washeshe wahlanganisa amafilimu, izinhlelo zikamabonakude nokunye okuveza ubuciko bezamasiko. Futhi manje sebekhiqize omunye umsebenzi wobuciko, belingisa umdlalo ojabulisayo wokufa wase-Korea besebenzisa izinkezo namakhreyithi njengezinsiza.
Le vidiyo edlala imizuzu emibili nemizuzwana eyisishiyagalolunye (2:09) enesihloko esithi-If squid Game was shot in Ikorodu, omunye wabafana udlala unodoli omkhulu ovela esiqeshini sokuqala sohlelo, esiveza umbala obomvu kanye nombala oluhlaza. Kulo mdlalo, abadlali bavumeleke ukuhamba kuphela uma unodoli umemeza “umbala okhanya okuluhlaza”. Uma umdlali ehamba phakathi “nelambu elibomvu”, babulawa khona lapho ngezibhamu zemishini ezikhomba ngaphandle kwezindonga.
Njengenjwayelo le vidiyo ye-Ikorodu Bois, ebibonisa ngaphezu kwenani labo labalingisi, ikhiqizwe ngendlela enhle kakhulu. Basebenzisa ibhodwe elikhulu lensimbi ephethe imali phakathi nezintambo. Lokhu kukhombisa isitsha esikhulu esiyisakhawo sengilazi esigcwele imali yomklomelo kulo mdlalo.
I-Ikorodu Bois, iqhamuke ne-meme entsha etshengisa abangama-content creator ezinkundleni zokuxhumana becabanga indlela lo mdlalo obizwa nge-Squid Game ungabekwa ngakhona komunye umhlaba.
Amanye amavidiyo afaka phakathi isihloko esithi-If Squid Game was short in Africa, eyathatha indawo yezibhamu emdlalweni wokuqala kwavezwa indlela yobuthakathi, okwenza umdlali anyamalale emoyeni uma ehlulwa.
Lo mdlalo ophumelele ngokungakholakali sekungumkhiqizo obukelwe kakhulu ku-Netflix, njengoba bayizigidi ezi-111 abantu abawubukelayo. Umbukiso olandelayo obukelwa kakhulu umdlalo wokuqala obizwa nge-Bridgerton, osubukwe cishe izikhathi eziyizigidi ezi-82.
Uhlelo lokusakaza luveze ukuthi luzobuyisa imali engaphezu kwezigidi ezi- $ 900, ngokusho kwe-matrics yenkampani.
Umthombo wesithombe: @IkoroduB