Isizwe samaZulu sinxusa uhulumeni ukuthi abeke uMisuzulu njengeSilo saso

Celani Sikhakhane

Emasontweni amane nje kuphela azayo isizwe samaZulu sizohlanganisa unyaka owodwa selokhu kwakhothama iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.

Kodwa lesi sizwe sabantu abayizigidi ezingu-15 asinaso iSilo selokhu kwadlula iNdlovukazi uMantfombi Dlamini-Zulu emhlabeni ngomhlaka-30 kuMbasa nyakenye.

Manje izinhlaka ezahlukene okuhlanganisa namaqembu ezepolitiki, amaZulu namakhosi bathi akuvalwe isikhala sobuholi ngokuthi kubekwe iSilo uMisuzulu kaZwelithini njengomholi ofanele wamaZulu.

Lezi zinhlaka zinxusa uhulumeni waseKZN ukuthi abeke iSilo uMisuzulu njengendlalifa yobukhosi beSilo uZwelithini.

Iqeqebana elingaphakathi eNdlunkulu kaZulu liphonsela inselelo iSilo uMisuzulu kanti  seliphakamise uMntwana uSimakade njengeSilo esilandelayo.

Kodwa nakuba isikhundla sakhe siphonselwa inselelo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, amalungu omphakathi, osomabhizinisi nabaholi bezinhlaka ezahlukene bayameseka.

Isizwe silindele ukuthi iSilo uMisuzulu avule ngokusemthethweni isiShayamthetho saKwaZulu-Natali ngaphambi kwenkulumo yeSifundazwe.

NgoLwesibili ubuholi be-ANC obuholwa nguNgqongqoshe uMnu Senzo Mchunu, buvakashele iSilo uMisuzulu esigodlweni saKwaKhangelamankengane buyozibophezela ukuthi bazomeseka base besipha izinkomo ezimbili.

“Ngize lapha Ndabezitha ukuzokhombisa inhlonipho kuwena njengeNkosi yami ” kusho uMchunu.

Utshele iSilo uMisuzulu ukuthi iKomidi eLiphezulu likazwelonke le-ANC alikalusukumeli lolu daba oluzobukela phansi indima yakhe njengeSilo.

UNobhala we-NFP esifundazweni uZandile Myeni utshele i-Scrolla.Africa ukuthi iNkosi uMisuzulu kumele ivule isiShayamthetho.

“Siyaziqonda ezinye izinto ezenzeka enkantolo kodwa singabantu baseKZN siyazi ukuthi uMisuzulu uyiNkosi yethu, umama wakhe ubeyiNdlivukazi endala futhi ilobolo lakhe lakhokhwa ngokhokho bethu ukuze abelethe indlalifa,” kusho uMyeni.

UNdunankulu waseKZN uSihle Zikalala ehambisana noSomlomo wesiShayamthetho uNontembeko Boyce bahlangane noNgangezwe Lakhe ngoLwesibili bemcela ukuthi ahambele ukuvulwa kwesiShayamthetho njengesimenywa.

Ngokungafani nobaba wakhe okhotheme, iSilo uMisizulu angeke akhulume.

Sekuyiminyaka eminingi isifundazwe saKwaZulu-Natali sibamba Inkulumo Yesimo Sesifundazwe izinsuku ezimbili.

Usuku lokuqala yinkulumo yeSilo elandelwa eyieSifundazwe ethulwa nguNdunankulu.

Okhulumela iSilo uMntwana u-Afrika Zulu uthe ngeke akwazi ukuphawula ngoba ubengekho ngoLwesibili futhi akazange alubhade emhlanganweni.

Isishayamthetho sizovulwa ngoLwesine oluzayo.

Izihloko zakamuva