Celani Sikhakhane
Umholi weqembu lamabutho kaZulu, uZihogo “Mgilija” Nhleko, akasekho emhlabeni kulandela ukugula isikhashana, kusho umndeni wakhe.
UNhleko ushonele esibhedlela iNkonjeni eMahlabathini ngehora lesihlanu ntambama ngoMsombuluko, kusho unkosikazi wakhe etshela i-Scrolla.Africa.
Uhlaselwe yisifo sohlangothi ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kwathi ngenyanga edlule wangeniswa esibhedlela ngenxa yomkhuhlane.
Elinye ilungu lomndeni elizichaze ngomakoti omncane emndenini wakwaNhleko litshele i-Scrolla.Africa ukuthi basashaqekile futhi balinde ukuthi kufike amanye amalungu omndeni abe ngasohlangothini lwakaNhleko emzini wakhe KwaNongoma.
UNhleko ubaziwa njengeNduna Yamabutho, okuyigama leqhaza lakhe lomkhuzi embuthweni wakwaZulu.
Ugqame kakhulu ngesikhathi kutshalwa iSilo Samabandla uZwelithini, lapho akubeka khona kwacaca ukuthi ayikho imithetho ye-Covid-19 ezovimba amabutho ekuhlonipheni iSilo esesikhotheme. Wahola amakhulu amabutho ukuyohlonipha iSilo okokugcina.
Wayesondelene kakhulu neSilo Samabandla uZwelithini, ehlezi emphelezela ohambweni oluya e-Wales eMelika.
UNhleko noMntwana kaphindangene uMangosuthu Buthelezi bake babhekana nempi yokushintshisana ngamagama ngoNtulikazi ngemuva kokuthi uNhleko ehole amabutho kaZulu wenza isifungo sokweseka owayenguMengameli uJacob Zuma eNkandla.
Kulandela le ngxabano uNhleko wephucwa isikhundla sokuba induna yamabutho.
Injeje yabeNguni’Phumlani Mfeka, umlandeli kaNhleko, ubhale ukuthi “UsenguMkhuzi webutho lamaZulu ohlonishwa kakhulu kulesi sizukulwane emhlabeni jikelele.