Isizwe samaZulu sicela ukuthula

Lungani Zungu

UMlindelwa Mtshali oneminyaka engama-80, ohlala eduze kwesigodlo seSilo uZwelithini KwaNongoma, kungenzeka ukuthi uzwakalisa imizwa yesizwe sonkana lapho ethi eNdlunkulu mayiphele impi.

“Uma beqhubeka nokulwa kanjena, isizwe samaZulu kufana nokuthi sesifile. Kumele babumbane futhi bahole abantu ababaphethe,”  kusho uMtshali.

Ukhumbuze abasebukhosini isaga sakudala esithi: “Uma kulwa izinkunzi ezimbili, kusiphuka utshani.”

Ukubangisana ngesihlalo sobukhosi eNdlunkulu kwaqala ngesikhathi kukhothama iSilo uGoodwill Zwelithini KaBhekuzulu ngoNdasa. Kanti izinto zaba zimbi kakhulu ngesikhathi iNdlovukazi ebeyibamba leNkosi uMantfombi Dlamini Zulu, unkosikazi weSilo uZwelithini, edlula emhlabeni ngesonto eledlule ngemuva kokugula okungenzeka kuhlobene nokusolwa ngokudla ushevu okwenzeka eminyakeni emibili eyedlule.

UMadala Mtshali wayeneminyaka engama-30 ngenkathi iSilo uZwelithini ethatha izintambo njengomholi wesizwe samaZulu ngowezi-1971.

“Isizwe samaZulu sasibumbene ngaleso sikhathi. Bekungekho ukuhlukana,” esho.

Unxuse amalungu eNdlunkulu ukuthi akhulume nabantu asebekhulile ukuze babaqondise.

UBhekinkosi Buthelezi oneminyaka engama-72 wasoLundi uvumile.

“Ngezikhathi zokudideka okunjena, iNdlunkulu kumele ibuyele kubantu abawaziyo umlando wesizwe samaZulu kanye neNdlunkulu,” kusho uButhelezi.

“Besilokhu siphumelela njalo ngenkathi siyisizwe esibumbene.”

INkosi elandelayo yesizwe samaZulu izophatha isabelomali seminyaka yonke semali eyizigidi ezingama-R71.3 esivela kuhulumeni wesifundazwe sase-KZN.

Okunye okusengcupheni ngamahektare ayizigidi ezintathu omhlaba okuyiNgonyama Trust, nenani elingaphezu kwesigidigidi samarandi.

Ukuntuleka kokuhlelwa komuntu ozolandela esihlalweni kwenze amalungu eNdlunkulu aphendukelani.

Ngesikhathi kushona iNdlovukazi Mantfombi, iNdlovukazi uSibongile Dlamini wafaka amaphepha asenkantolo aphuthumayo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, efuna ukuthola ifa elingu-50% wefa leNkosi uZwelithini ongasekho.

Kuthiwa umfowabo omncane weSilo uZwelithini, uMntwana uMbonisi, bekufanele athathe izintambo njengebamba leNkosi ngesikhathi iNkosi ikhothama.

UMntwana uMangosuthu Buthelezi umemezele ngoMsombuluko ukuthi iNdlovukazi uMantfombi izofihlwa emcimbini ozimele ngoLwesine, kube nenkonzo yesikhumbuzo ezolandela ngoLwesihlanu. 

Izihloko zakamuva