Isizini embi kakhulu kuKhune yengeza ezinkingeni zikaHunt

Menzi Magubane

Njengoba iSuperSport United izoya e-Soweto, umqeqeshi weKaizer Chiefs uGavin Hunt unelungelo lokukhathazeka – ikakhulukazi ngomnyango kanozinti wakhe ovuzayo. NgoMgqibelo Amakhosi azobhekana ne-United esendaweni yesibili kowe-DStv Premiership e-FNB Stadium ngehora le-3 ntambama.

I-United iza nomshayimagoli wayo ohola phambili kuligi, uBradley Grobler olambele ukwengeza kumagoli akhe ayi-12. UHunt ubhekene nezinselelo ezintsha njengoba u-Itumeleng Khune owake waba ngunobhala weBafana Bafana enza amaphutha amaningi.

Cishe le yisizini embi kunawo wonke uKhune ake aba nayo selokhu ethathe ijezi likanozinti ngemuva kokuhamba kukaRowan Fernandez eminyakeni eyishumi edlule.

UKhune uphuthwe yizinyanga ezimbili zokusebenza ngemuva kokuthi uHunt ethathe isinqumo sokumshiya ngenxa yamaphutha ngoZibandlela.

“Bengicabanga ukuthi lesi yisikhathi esifanele sokubuyisa uKhune. Umnyango wonozinti ubuyinkinga impela,” kusho uHunt.

UKhune uphuthwe yimidlalo eyishumi kuyona yonke imiqhudelwano ngaphambi kokubuya kwakhe ngoLwesithathu ngesikhathi beedlala naMaZulu emdlalweni wePremiership – futhi uqhubeke lapho ayegcine khona ngaphambi kokuthi ashiywe.

Uphinde wenza elinye iphutha elinike Usuthu amaphuzu aphezulu.

Ngaphambi komdlalo wangoLwesithathu uDaniel Akpeyi odabuka e-Nigeria ubengumuntu ophakathi kwezinduku futhi naye uthole kunzima.

Ngesikhathi engekho uKhune, u-Akpeyi ukwazile ukugcina amashidi amathathu kuphela ahlanzekile kodwa bangenelwa amagoli ayisishiyagalolunye.

“Akuyona indawo noma inkundla yokukhuluma le kodwa kuyakhathaza kakhulu ngoba ngake ngabe la phambilini,” kusho uHunt ku-SuperSport TV.

Lo mqeqeshi owine iligi amahlandla amane uthe: “Yinto okumele siqhubeke siyisebenzele ngethemba lokuthi singathuthuka, futhi ngicabanga ukuthi kungaphezu kwalokho kodwa yinto ekhathazayo. Kuyinkinga enkulu.”

NgoLwesithathu bekungumdlalo kaHunt wama-880 njengomqeqeshi weqembu elihamba phambili eNingizimu Afrika.

Kuze kube manje kwi-Premiership iChiefs isinganelwe amagoli ayi-19 emidlalweni eyi-16 kanti isashaye ayi-17.

Eminye imidlalo ye-Premiership

NgoMgqibelo

Baroka vs Black Leopards (Peter Mokaba Stadium, 5pm)

NgeSonto

Cape Town City vs Swallows (Cape Town Stadium, 3.30pm), Tshakhuma vs Stellenbosch (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm).

Picture source: @kickoff

Izihloko zakamuva