Kamogelo Muvhenzhe
Umfundisi uBafomba Willy Emeka obephethe ibandla elibizwa nge-God is Love Ministries ugwetshwe iminyaka engama-37 esejele ngoLwesithathu oludlule, njengoba inkantolo imthole enecala lokudlwengula abesifazane abahlanu kusukela ngonyaka wezi-2015 kuyela kunyaka wezi-2018.
Utholakale enamacala okudlwengula amahlandla ayi-19, ukuhlasela okungamahlandla amathathu, kanye ukuba sesizweni ngokungekho emthethweni esebenzisa amaphepha enziwe ngobugebengu.
Lo mfundisi oneminyaka engama-48 onebandla e-Bronkhorstspruit, ngaphandle kwasePitoli wayetshela izisulu zakhe ukuthi uma zinenkinga angakwazi ukuzisiza aphinde azibusise.
Ukuhlukunyezwa ngokocansi kwaqhubeka iminyaka kwaze kwaba abesifazane bayayeka ukuza esontweni lika-Emeka njengoba omunye wesisulu sakhe wakhulelwa.
Waboshwa ngonyaka wezi-2018 ngemuva kokuba ezinye zezisulu zamubika komunye umfundisi webandla owabagqugquzela ukuba babike udaba emaphoyiseni.
Okhulumela isifunda sasenyakatho ne-Gauteng emnyangweni wezokushushiswa komphakathi, uLumka Mahanjana uthe: “u-Emeka wayetshela izisulu zakhe ukuthi uma bzinenkinga uzozithandazela azibusise ukuze akwazi ukubasiza.”
UMahanjana uthe umfundisi watshela omunye walabo ayebahlukumeza futhi owayesiza ngokugada izingane zikamfundisi, ukuthi wayelala naye ngoba ethi umkhipha umoya omubi emzimbeni owawumvimbela ukuba angatholi izingane noma angakwazi ukukhulelwa.
Ummeli wombuso uDorah Ngobeni ukhulume nenkantolo wathi iNingizimu Afrika ibhekene nezinhlekelele ezimbili, i-Covid-19 kanye nokuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nezingane.
“Umfundisi ubesesimeni sokuthenjwa abantu. Ibandla belimthemba kakhulu bemthemba futhi ngezinkinga zabo, kodwa yena wasebenzisa lokho nokubathandazela ukuze akwazi ukubadlwengula.” kusho uNgobeni.