Isiyashuba eyemidlalo yelo mbhoxo

Dylan Bettencourt

Njengoba sekusele imidlalo emibili kuphela yesigaba samaqoqo iNingizimu Afrika ingase ibe namaqembu amathathu kwamane ayo kuhlungela i-United Rugby Championship (URC).

Njengoba ama-Stormers nama-Sharks eqinisekise ukuthi azongena emzuliswaneni womkhumulajezi lisekhona ithemba lokuthi ama-Blue Bulls azophinde aqinisekise iNingizimu Afrika enye indawo.

Iqembu lasePitoli lizithola lisendaweni yesishiyagalombili okuyindawo yokugcina yokungena esigabeni somkhumulajezi.

Ngakho-ke, ngeke bakwazi ukumelana nanoma yimaphi amaphutha emidlalweni emibili yokugcina, bazobhekana  ne-Glasgow Warriors yase-Scotland esendaweni yesithupha ngoLwesihlanu ebusuku.

Ukunqoba e-Loftus Versfeld ngoLwesihlanu ebusuku ngo-7pm kungase kuvikeleke indawo yabo emzuliswaneni olandelayo.

Amaqembu aseNingizimu Afrika adlale kahle kanti i-Stormers nama-Sharks azodlala ngoMgqibelo.

Ama-Stormers abhekene nesivivinyo esinzima lapho ebhekene ne-Leinster, kodwa iqembu lase-Western Cape lizobe libheke ukunciphisa igebe esicongweni se-URC.

Umdlalo wabo ophezulu uqala ngo-6.15pm ngoMgqibelo ebusuku.

Ama-Sharks azobhekana ne-Connacht esendaweni yeshumi ngoMgqibelo ntambama emdlalweni obukeka sengathi uzonqoba le midlalo yaseThekwini.

Yonke imidlalo ye-URC ingabukwa bukhoma ku-DStv channel 201 no-211.

➢ I-Mamelodi Sundowns  ngoMgqibelo izobhekana ne-Royal AM  kowe-Nedbank Cup.

I-Sundowns ithole isicoco sayo sesihlanu seligi ngoLwesithathu futhi izobe inethemba lokuthi izothatha izindebe ezimbili ngesonto elilodwa.

Nokho i-Royal AM ijabulele ithuba njengoba izodlala ne-Sundowns ekhishwe ku-CAF Champions League ngempelasonto edlule.

➢ Umjaho wesicoco se-Premier League kanye nezindawo zokuhlungela e-Europe uzomangaza futhi kule mpelasonto.

Njengoba besele nephuzu elilodwa nje elibahlukanisile i-Liverpool izobhekana ne-Newcastle ngoMgqibelo ngo-1.30 emini kanti i-Manchester City izobhekana ne-Leeds ngo-6.30 ntambama ngosuku olufanayo.

Amaqembu ase-London, i-Chelsea, i-Arsenal ne-Tottenham azobe ebhekene ngeSonto njengoba imidlalo ye-Uefa Champions League ingakacaci kahle futhu sekusele inyanga ukuthi kuphele iligi.

Umthombo wesithombe: @VodacomBulls

Izihloko zakamuva