Dylan Bettencourt
Njengoba i-Afcon iqale ngegiya eliphezulu ngeSonto ebusuku e-Cameroon, kuzoba nemidlalo eshube kakhulu isonto lonke njengoba imidlalo yamaqoqo iqhubeka.
➤ NgoMsombuluko i-Senegal engelinye lamaqembu ahamba phambili lidlale ne-Zimbabwe ngo-3 ntambama emdlalweni obulindelwe ngabomvu. ISenegal inqobe ngo 1-0 kulowo mdlalo.
Umdlalo ungabukelwa bukhoma esiteshini se-DStv 202.
Komunye umdlalo i-Morocco izobhekana ne-Ghana ngo-6 ntambama bese kuthi i-Guinea izobhekana ne-Malawi bese kugcina i-Comoros ezobhekana ne-Gabon.
➤ Mhlawumbe umdlalo olindeleke kakhulu kuleli sonto uzodlalwa namhlanje ngoLwesibili! I-Nigeria izobhekana ne-Egypt ephethe isicoco se-Afcon emdlalweni ozobe uphakathi kompetha ababili base-Afrika. Abalandeli bangalindela umdlalo oshisayo yize la maqembu womabili engekho efomini enhle, futhi umdlalo wabo uhlezi ufana.
Lo mdlalo uzoqala ngo-6 ntambama namhlanje ebusuku futhi uzokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 202.
Namhlanje kuzophinde kubonakale izintandokazi eziningi zidlala njengoba i-Algeria izoqala umkhankaso wayo ngokudlala ne-Sierra Leone njengoba uRiyad Mahrez we-Manchester City nozakwabo belwela ukuthi igama labo liqoshwe kule ndebe.
Umdlalo wokuvula we-Algeria uzoba ngo-3 ntambama futhi uzokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 202.
➤ NgoLwesithathu i-Ivory Coast izodlala ne-Equatorial Guinea. I-Ivory Coast inezihlabani eziningana zamazwe ngamazwe eqenjini layo futhi bengamangaza abaningi njengoba kungekho muntu obabuka njengezintandokazi. Umdlalo uzoqala ngo-9 ebusuku emdlalweni wabo wokuqala ozokhombisa ukuthi izihlabani zabo eziningi zizohlangana kanjani esiteji esikhulu.
➤ NgoLwesine iqoqo lokuqala lizodlala imidlalo yalo yesibili lapho osokhaya i-Cameroon bezobhekene ne-Ethiopia ngo-6 ntambama njengoba benethemba lokuthi bazongena esigabeni sokuhlungela lo mqhudelwano. I-Cape Verde izobhekana ne-Burkina Faso namhlanje ngo-9 ebusuku.
I-Afcon izobe igcwele imidlalo eshisayo ekupheleni kwaleli sonto okungenzeka ibe ngeminye yemidlalo ye-Afcon ebhekwe ngabomvu eminyakeni edlule.
Umthombo wesithombe: @BBC