Isixwayo sokuyeka ukudayisa oLundi esibhekiswe kwabaphuma emazweni angaphandle 

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Sishubile isimo endaweni yasoLundi enyakatho yeKwaZulu-Natal ngemuva kokuthi inhlangano, yamabhizinisi engaziwa, itshele bonke abanikazi bezitolo abaphuma emazweni angaphandle ukuthi bayeke ukudayisa kuleli dolobha ngeSonto ngomhlaka-19 kuNhlaba.

Lesi saziso, umbhali waso ozibize ngoMnuz Zulu, sisabalale kakhulu. Siyalela abaphuma emazweni angaphandle ukuthi basuke emalokishini nasezindaweni zasemakhaya, basungule izitolo edolobheni baqhudelane namabhizinisi akhona.

Lesi senzo sokuxoshwa kwabaphuma emazweni angaphandle kuleli dolobha silandela umkhankaso wakamuva wabantu baseNquthu nabo abaxoshe abaphuma emazweni angaphandle edolobheni labo.

Imemo yasoLundi ithi iphuma kubo bonke osomabhizinisi abancane edolobheni.

Iphinde yayalela bonke abantu bakuleli abaqashisa ngezindawo zabo kwabaphuma emazweni angaphandle ukuthi bayeke ukwenza lokho, kanti uma kushaya uMsombuluko ngomhlaka-20 kuNhlaba akekho noyedwa kwabaphuma emazweni angaphandle okufanele ebe esadayisa kuleli dolobha elinomlando wesizwe samaZulu ojulile.

“Sesiye kumasipala sayosho ukuthi kumele bayeke ukusebenza ngoMsombuluko,” kufundeka imemo. “Le ncwadi iqondiswe kubo bonke abaphuma emazweni angaphandle abahweba ngokuhamba ngezinyawo nalabo abanamadokodo oLundi Plaza.”

Umasipala wasoLundi uthi usuhlonze inhlangano ebhekelela ukuqulwa kwecala kanti usezinhlelweni zokuxoxisana nayo ukuze uqonde izinto eziyikhathazayo.

Esithombeni esingenhla: Imemo enezinqumo ezibhekiswe kwabaphuma emazweni angaphandle abanezitolo zespaza oLundi.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva