Isixuku sishise owesilisa ephila ngemuva kokuzama ukudlwengula isalukazi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Owesilisa utholwe enqunu emzini wesalukazi ngaphambi kokuthi izakhamuzi ebezithukuthele zimhudule zamthungela ngomlilo.

Amaphoyisa athi ubulungiswa bomphakathi kuyicala futhi axwayisa ngokuboshwa kwabantu.

Owesilisa ushaywe washiswa umphakathi waze washona ngemuva kokubanjwa ezama ukudlwengula isalukazi e-Tshalovha Village, eLimpopo.

USingo Tshifhiwa utholwe enqunu endlini yomuntu ohola impesheni enegumbi elilodwa, lapho agqekeze khona.

Lona wesifazane umemeze ecela usizo, omakhelwane baphuthuma bezomhlenga.

Bamkhiphe egcekeni uTshifhiwa bamshaya maqede bamshisa.

Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uBrigadier Hlulani Mashaba uthe amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko athola isidumbu sikaTshifhiwa siphansi.

“Utholwe enqunu enamanxeba okusha okubi, akekho noyedwa womphakathi obesendaweni yesigameko ngesikhathi kufika amaphoyisa,” kusho uMashaba.

UTshifhiwa, obeseminyakeni engamashumi amathathu ubudala, uhlonzwe yizihlobo zakhe.

Kuthiwa ushonile endaweni yesigameko.

Isakhamuzi, uMnuz Mashudu Ramabulane uthe izigebengu zijwayele ukukhomba izaguga ezihlala zodwa.

“Bayazi ukuthi bahlalele engozini, bantshontsha izimpesheni zabo, bathathe izinto zabo ezibalulekile bazidlwengula. Sidinga i-CPF kanye nabaqaphi ezindaweni zethu ukuze bavikele abahola impesheni,” kusho yena.

UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni saseLimpopo uLieutenant General Thembi Hadebe ukugxekile ukuhlasela waxwayisa ngokuthi abathintekayo bazoboshwa.

Siyawunxusa umphakathi ukuthi ubike ubugebengu emaphoyiseni kunokuthi uzithathele umthetho ngezandla. Ubulungiswa besixuku buyicala. Oyotholakala enesandla kulokhu kubulala uzobhekana nengalo yomthetho,” kusho yena.

Unxuse ongaba nolwazi ukuthi ashayele uSergeant Randzu Mabedle ku-079 8496 309 noma inombolo ye-crime stop ku-08600 10111.

Esithombeni esingenhla: Izimoto zamaphoyisa.

Umthombo wesithombe: SAPS

Izihloko zakamuva