Isixuku ebesidiniwe sibulale ohola impesheni simsola ngokuthakatha

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Abantu abebediniwe bashaye isalukazi (76) saze sashona ngemuva kokusithola silele kwamakhelwane.

Umndeni ufuna ubulungiswa ngesikhathi amaphoyisa ephenya ngokubulawa ngesihluku kanti akukaboshwa muntu.

Ufuna ubulungiswa umndeni wesalukazi (76) esishawe saze sashona yiqulu labantu ebesimsola ngokuthakatha.

UGogo uBusi Maseko wase-Daveyton e-Ekurhuleni uhlaselwe yisifo sokukhohlwa wazulazula emzini wakhe ngezikhathi zasekuseni ngoLwesibili.

Utholwe elele kwamakhelwane ngabo-3 ekuseni. Umphakathi ubikelwe ngokuthi ubanjwe oqotsheni ethakatha.

Isixuku ebesithukuthele sishintshana ngokushaya lo ohola impesheni edidekile sabe sesimsabisa ngokumshisa ephila. Kwaze kwaba yilapho isakhamuzi sibancenga ukuthi bayeke.

Izakhamuzi ebezikhathazekile zifice uMaseko ngezithuba zabo-05:00 zashayela i-ambulensi. Kuthiwa ushone ngesikhathi efika e-Phillip Moyo Main Clinic.

Indodakazi yakhe uPoppy Maseko ithe unina uzame ukuphuma endlini ngabo-10 ebusuku ngoMsombuluko.

“Uthe uya ekhaya njengoba unina ongasekho ubembiza, ngikwazile ukumqinisa ngemithi yakhe wabe eselala,” kusho uPoppy.

“Phakathi kwamabili ngimbheke ukuthi usalele yini. Ngikholwa ukuthi uvele wanyelela ngoba ubengekho ekhaya ngiyobheka ngabo-5 ekuseni.”

UPoppy waphenya komakhelwane kodwa akekho obethi umbonile. Ubhale ezinkundleni zokuxhumana ecela usizo.

“Ngifonelwe yisakhamuzi singinxusa ukuba ngiyobheka isigameko lapho kutholwe khona ohola impesheni eshayiwe,” kusho yena.

Amavidiyo nezithombe zokuhlasela ngesihluku kwabiwe ezinkundleni zokuxhumana.

“Uma umphakathi ukholelwa ukuthi uyathakatha, yini owayithola kuyena efakazela lokhu? Wayegula. Isifiso sami ukuthi abantu bafunde kabanzi ngesifo sokukhohlwa nezinye izifo zengqondo ukugwema ukubulala abantu abangenacala,” kusho uPoppy.

“Umama ubengakufanele ukubulawa njengesigebengu.”

Okhulumela amaphoyisa aseKurhuleni uwarrant Officer Skalkie ukuqinisekisile ukuthi baqale uphenyo.

“Akekho osaboshiwe, sicela noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nabasolwa ukuthi aphumele obala,” usho kanje.

Osesithombeni esingenhla: UBusi Maseko.

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva