Celani Sikhakhane
I-ANC isivumile ukuhoxisa ukuqanjwa kabusha kwesifunda sase-Zululand ukuze kuhlonishwe isishoshovu somzabalazo we-SACP uMzala Nxumalo, nokuqamba kabusha umgwaqo iMangosuthu Highway ngoGriffiths Mxenge ukuze ingene kumadlelandawonye ne-IFP.
Lokhu kuyingxenye yemigomo nemibandela eyenza ukuthi i-IFP ne-ANC bafinyelele esivumelwaneni sobumbano esimangalisayo komasipala abangama-21 baseKZN.
Omunye wabaxoxisana ne-IFP ongathandanga ukudalulwa igama utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umhlangano phakathi kukaMengameli we-ANC uMnu uCyril Ramaphosa neNkosi uMangosuthu Buthelezi ube yimpumelelo emaqenjini.
“Besicacisile njenge-IFP ukuthi ngeke sibe nezingxoxo uma beqhubeka nokubukela phansi uButhelezi ngakho-ke uRamaphosa wavuma lezo zimfuno,” kusho umthombo.
UMgcinimafa-jikelele we-ANC, uMnu Paul Mashatile, kulindeleke ukuthi ahlangane nobuholi be-ANC e-Zululand ukuze abuchazele mayelana nezinguquko.
Ngowe-1988 uJabulani Mzala Nxumalo wabhala incwadi enesihloko esithi, “Gatsha Buthelezi, A Chief with a Double Agenda.”
Encwadini uNxumalo usola uButhelezi ngokuthi akayona indodana yeNkosi uMathole nokuthi umama wakhe uMagogo kaDinuzulu wakhohlisa uButhelezi. I-IFP ithe le ncwadi ihlambalaza uButhelezi.
Eminyakeni embalwa edlule i-ANC esifundeni saseThekwini yathatha isinqumo sokuqamba kabusha umgwaqo iMangosuthu Highway eMlazi ngommeli wamalungelo abantu, uGriffiths Mxenge.
Umthombo uthe uRamaphosa uvumile ukuthi umgwaqo onguthelawayeka uzobuyiselwa wethiwe ngoMangosuthu.
“I-EFF ibifuna ukuthatha isikhundla sobuMeya e-Newcastle, i-Apemo kaVikizitha Mlotshwa ifuna isikhundla sobumeya oKhahlamba kanti i-ABC kaPhilani Mavundla yona ifuna ukuphatha uMvoti ngezihlalo zayo ezimbalwa. Kubacikile lokho. I-ANC isiphenduke uSathane ongcono,” kusho umthombo.
UMengameli we-IFP, uVelenkosini Hlabisa, utshele izintatheli eThekwini ukuthi isivumelwano sabo sizokwenza ukuthi i-IFP ithathe uhulumeni komasipala lapho ethole khona amavoti amaningi kanjalo ne-ANC izokwenza okufanayo.