Isivumelwano ngokudayiswa kwe-Chelsea

Dylan Bettencourt

Ukudayiswa kweqembu lebhola lezinyawo i-Chelsea ngo-R83 billion sekufike esiphethweni kulandela ukugunyazwa i-Premier League kanye nohulumeni wase-England.

Isivumelwano singaphothulwa ngemuva kokuthi owayengumnikazi wayo uRoman Abramovich evumelana ngemibandela yesakhiwo sokudayiswa esiqinisekisa ukuthi akahlomuli ngokwezimali.

UNadine Dorries unobhala wezamasiko uthe uhulumeni wase-England ukhiphe ilayisense ngoLwesibili ebusuku evumela ukudayiswa kwe-Chelsea.

Cishe emasontweni amabili ngemuva kwesivumelwano phakathi kweqembu ne-American Todd Boehly’s consortium iqembu manje lizongena enkathini entsha.

Ngemuva kokuhlasela kwe-Russia e-Ukraine ngomhlaka-24 kuNhlolanja u-oligarch Abramovich wajeziswa ngenxa yobudlelwano bakhe noMengameli uVladimir Putin.

Uhulumeni wayefuna ukuqinisekisa ukuthi lo mphathi akazuzi enye inzuzo eqenjini, kodwa unswinyo lwabeka imingcele eminingana eqenjini lase-London elingakwazi ukukhiqiza imali.

Ukugunyazwa kukahulumeni kwabambezeleka kulandela ingxabano mayelana nesikweletu esinikezwe i-Chelsea enkampanini exhumene no-Abramovich.

Ngemuva kokucaciswa ukuthi u-Abramovich ngeke azuze ohlelweni lokubuyisela isivumelwano sivunyelwe ukuthi sicutshungulwe.

Ukudayiswa manje sekuzongena ohlelweni oluyizinyathelo ezimbili lapho kuzongena khona u-R49 billion kwi-akhawunti ye-escrow kuze kube uhulumeni uyaneliseka ukuthi izimali zizoya enhlanganweni yabahlukumezekile e-Ukraine.

Inhlangano esiza abantulayo izokhethwa nguhulumeni.

“Ngemuva kokunikezwa unswinyo uRoman Abramovich uhulumeni usebenze kanzima ukuqinisekisa ukuthi iqembu le-Chelsea liyakwazi ukuqhubeka nokudlala ibhola,” kusho isitatimende sikahulumeni esicashunwe kwi-Guardian.

“Kodwa lokhu bekucacile ukuthi ikusasa leqembu lesikhathi eside lingavikeleka kuphela ngaphansi komnikazi omusha.”

Ngemuva kweminyaka ecishe ibe ngamashumi amabili engumnikazi we-Chelsea u-Abramovich uzonikezela iqembu eqenjini le-Boehly ezinsukwini ezizayo.

Umthombo wesithombe: @Eurosport

Scrolla World Cup Quiz