Isivumelwano esingajwayelekile phakathi kukaSeema neChippa

Lubhalwe nguMichael Madyira

Owayengumqeqeshi weChippa United uLehlohonolo Seema udalule isivumelwano esingajwayelekile esimtholele umsebenzi kuleli qembu.

Lo mlisa (42) usanda kuxoshwa iChippa yize esindise leli qembu ezembeni ngosuku lokugcina lwesizini ye-Premier Soccer League.

Uqokwe ngasekupheleni kukaMbasa ukuthi aqeqeshe imidlalo emine yokugcina yeqembu lase-Gqeberha ngesikhathi libhekene nengwadla yezembe.

Kodwa ngendlela exakile yeqembu elidumile nomqeqeshi ayikho inkontileka esayiniwe phakathi kwalezi zinhlangothi zombili.

Inkulumo yomlomo kuphela eyenza uSeema asebenze eqenjini ngoba ubenethemba lokuthola inkontileka ebhaliwe ngemuva kokufeza umsebenzi wakhe.

“Bekungeyona ngisho inkontileka,” kusho uSeema etshela i-Scrolla.Africa.

“Kube isivumelwano somlomo nje ukuthi sekusele imidlalo emine kuphela ngakho qedela leyo midlalo bese siyabona ukuthi usebenza kanjani sizobe sesikhuluma ngemuva kwalokho sibone ukuthi siyakugcina yini noma cha.

“Bekuyinto eqondile, bekungenzima. Ayikho inkontileka sivumelene ngemidlalo emine kuphela.”

Kuleyo midlalo iChippa iqoqe amaphuzu amane ngokuwina kanye nokudlala ngokulingana kanti ukuhlulwa kabili okubenze baba sengcupheni yokugawulwa izembe.

“Kodwa omunye ubengacabanga ukuthi ngemuva kokusebenza kanzima ngokuhlenga iqembu esimweni esinengcindezi ngizoqhubeka nomsebenzi,” kusho uSeema.

Kodwa angibabambele inhliziyo. Ngehlise umoya futhi ngisesimweni esihle.”

Kule sizini iChippa ibe nabaqeqeshi abane okubalwa kubo uDaine Klate, uMorgan Mamilla, uKurt Lentjies kanye noSeema futhi leli qembu lizakhele igama elibi ngokushintsha abaqeqeshi.

Njengoba esebe umqeqeshi waleli qembu amahlandla amathathu uSeema ubukeka engeke esaphindela kwiChippa.

 “UMphathi ngeke awushintshe umqondo,” esho.

“Ngakho uma kukhona elinye iqembu elingibizayo ngizowuthatha umsebenzi. Ngiyatholakala futhi ngingakhona ngisho nokusebenza kwi-NFD.”

Kuzona zontathu izivumelwano zokuqeqesha leli qembu akakaze aqede izinyanga ezinhlanu futhi kwesesesibili usebenze izinsuku ezingu-41 kuphela.

Esithombeni esingenhla: ULehlohonolo Seema

Umthombo wesithombe: Lehlohonolo Seema Twitter

Izihloko zakamuva