Sizwe Sibiya
URikhado “Riky Rick” Makhado (34) ubenobubele futhi enothando lomculo okuyinto ayiveza enkulumeni yakhe ngemuva kwendodo ayithola ye-Single of the Year kuma-16th Metro FM Awards ngengoma yakhe ethi “Sidlukotini” ngo-2015.
Usebenzise le nkundla ukugqamisa udaba lwabaculi abasafufusa abadonsa kanzima ukuze kudlalwe izingoma zabo emisakazweni yakuleli ngenxa yezinga eliphezulu labantu abafuna ukugwazelwa – okuyinkinga enkulu eMzansi lo mculi ayehlezi eyibeke eduze kwenhliziyo yakhe.
URikhado wazalelwa elokishini laKwaMashu kwa-D, eThekwini, wakhuliswa ugogo wakhe ngemuva kokuthi abazali bakhe behlukanise.
Ngesikhathi esakhula, ubaba wakhe ongasekho, owayengusomabhizinisi owazalelwa e-Limpopo, wayesebenza eGoli ngesikhathi umama wakhe efundela ukuba ummeli e-United Kingdom.
“Kwakuyinhlanganisela yezinto eziningi ngesikhathi esisodwa,” kusho uRikhado (manje obaziwa ngoRiky Rick) etshela umsakazi uBruce Whitfield ngo-2020, echaza ngokukhulela kwakhe KwaMashu ngasekupheleni kwesikhathi sobandlululo.
Kodwa akubanga isikhathi eside, njengoba kwadingeka athuthele e-Vienna e-Austria ngesikhathi enza ibanga lesine. Yilapho uthando lwakhe lomculo lwaqala khona.
“Esikoleni… Ngathola uhlobo lwe-German hip hop kanye nomculo waseJalimane njengento engingathanda ukuzibandakanya kuyo”.
Ngesikhathi ebuyela eNingizimu Afrika, uRiky Rick wathunyelwa eKolishi i-Hilton, isikole samabanga aphezulu okuhlalwa kuso esihlonishwayo maphakathi neKwaZulu-Natali.
“Ngangincike kwezemidlalo nasemculweni ngaleso sikhathi futhi bengiyilungu lekhwaya,” usho kanje.
Ukuhlangana kwakhe okokuqala nomkhakha wezomculo eMzansi kwakungasekuqaleni kuka-2000 ehlangana noBongani, indodana yesihlabani esingasekho uBrenda Fassie. Kanti kamuva eminyakeni engaphezu kweyishumi, ngo-2014, uRiky Rick wakhipha ingoma yakhe yokuqala ethi “Nafukwa” (i-Turn Up), eyamethula njengeciko elisha elinesitayela endimeni yomculo.
Ngonyaka olandelayo, wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala nokuwukuphela kwayo enesihloko esithi-Family Values, ubuciko bekhava obabumveza ephethe indodana yakhe enonyaka owodwa uMalik. I-albhamu iqhubekile yanikezwa indondo ye-platinum i-RISA.
UMalik uyingane yesibili kaRiky Rick. Yena nomkakhe uBianca Naidoo baba nengane yabo yokuqala ngo-2010, indodakazi ogama layo linguJordan.
Wazalwa ngomhlaka-27 kuNtulikazi ngo-1987, uRiky Rick ushone eneminyaka engu-34 ubudala ngoLwesithathu ngomhlaka-23 kuNhlolanja ngemuva kokuthi kubikwe ukuthi uzibulele eGoli.
Umndeni wakwaMakhado uqinisekise ukudlula kwakhe emhlabeni esitatimendeni sabezindaba esithi “ushiye umkakhe, izingane ezimbili, umama wakhe nezingane zakubo ezinhlanu”.
Amazwi okugcina avela kwi-akhawunti ka-Riky Rick ye-twitter, awabhale ngosuku ashone ngalo kungazelelwe futhi kungalindelwe athi “Ngizobuya ngiyindoda enamandla. Lo mhlaba useyikhaya lami”.