Arthur Greene
Odokotela besiboshwa u-Alexei Navalny, ophikisana kakhulu nezombusazwe ezweni likaMengameli wase-Russia uVladimir Putin, baxwayise ngokuthi “uzofa ezinsukwini ezimbalwa ezizayo” uma enganikezwa usizo lwezempilo.
Odokotela abane base-Russia, kubandakanya nodokotela kaNavalny, babhalele abaphathi bejele incwadi evulekile becela ngokushesha imvume yokumelapha.
Encwadini, bathi ukuhlolwa kwegazi kwakhe kwakamuva kukhombisa ukuthi angahlaselwa yinhliziyo noma izinso zakhe zihluleke ukusebenza.
Bathi amazinga akhe “aphezulu” okungaholela ekutheni amelwe inhliziyo “nganoma yimuphi umzuzu.”
UNavalny ubesesitelekeni sendlala kulezi zinsuku eziyi-19 ezedlule emzamweni wokuthola ukwelashwa ngenxa yezinhlungu ezibuhlungu zomqolo nokuba ndikindiki komlenze.
Ugcinwe ejele elidumile i-Matrosskaya Tishina, ijele elaziwa ngesimo salo esibi lapho kugcinwa khona iziboshwa.
Waboshwa ngoNhlolanja ngamacala amadala okukhwabanisa, wanikezwa isigwebo seminyaka emibili nohhafu.
UNavalny oneminyaka engama-44, wacishe washona ngoNcwaba nyakenye, ngesikhathi edliswa ushevu obizwa nge-Novichok.
Wasola uhulumeni kaPutin ngokwenza umzamo wokumbulala, okuyinto uPutin ayiphikile.
Kodwa-ke, ukuphatha kukaPutin kunomlando omude futhi obanzi wokusolwa ngokufakela ubuthi abaphikisi bakhe bezepolitiki.
Umthombo wesithombe: @Reuters