Celani Sikhakhane
Isiteshi samaphoyisa sasemakhaya kwaHlazakazi, eNquthu, enyakatho yeKwaZulu-Natali, sesiphendulwe umhume wezigebengu nedlelo lezinkomo zomphakathi.
Isiteshi samaphoyisa saseMangeni esakhiwa ngowe-1994 sasingasebenzi kahle saze sashintshwa saba yisiteshi sesathelayithi. Kodwa amaphoyisa ayesebenza lapho avele ashiya yize ekhokhelwa, kusho imithombo yamaphoyisa.
“Kumele badalulwe ngoba abasayi lapho, bathi indawo yasemakhaya ngeke bakwazi ukuya khona,” kusho elinye iphoyisa elicele ukungadalulwa igama.
I-Scrolla.Africa sivakashele esiteshini samaphoyisa, ebesingenayo iveni yamaphoyisa futhi nomhlambi wezinkomo ubudla khona lapho.
Indlu eyayakhelwe umphathi siteshi isiwohlokile futhi kukhule utshani yonke indawo.
Khonamanjalo, izigebengu seziphendule isiteshi samaphoyisa indawo yazo yokuhlala, kusho abantu bendawo.
Umholi womphakathi u-Ayanda Magubane utshele i-Scrollla.Africa ukuthi abantu sebekhohliwe ukuthi kwake kwab khona isiteshi samaphoyisa eMangeni.
“Njalo uma amaphoyisa efika ahlala ihora elilodwa noma amabili ahambe. Abantu abasayi khona. Bazihlalela emakhaya nje kunokuyobika amacala. Abanye baya edolobheni laseNquthu okubiza cishe ikhulu lamarandi ukuya khona nokubuya”, kusho uMagubane.
Ikomkhulu lamaphoyisa esifundazweni alizange liyiphendule imibuzo.