Doreen Mokgolo
Ngesikhathi isishoshovu senhlangano elwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane (i-GBV) uZimpilo Kgorogang ebona owesifazane eshaywa yisoka lakhe wangenelela futhi kwamlahlekisela ngempilo yakhe.
UZimpilo udutshulwe wabulawa ngesikhathi kuqhuma isibhamu ezama ukuvikela lo wesifazane ngoMgqibelo ebusuku emgwaqeni e-Tsakane endaweni yase-Springs.
Ufakazi ozibonele uThando Madlala uthe ngesikhathi uZimpilo ezama ukubonisana nomsolwa, umsolwa uqale ukumshaya ngemuva kwalokho kwaqubuka impi enkulu.
“UZimpilo ukhiphe isibhamu sakhe wasabisa umsolwa base beqala ukulwa bebanga isikhali… umsolwa wamhlula ngamandla,” kusho uThando.
“Umsolwa uqhubekile nokumdubula amahlandla amaningi emzimbeni.”
Kuthiwa ngesikhathi umsolwa ebona akwenzile wavele wajikijela isibhamu phezu kophahla lwendlu eseduze futhi wabaleka.
Isibhamu siphinde satholwa ngamaphoyisa ngemuva kokuthi isixuku sibatshele ukuthi sikuphi.
Ngemuva kwalokho uZimpilo uphuthunyiswe esibhedlela e-Pholosong ukuyothola usizo lwezempilo nokuyilapho ashonela khona enqotshwa izinhlungu.
Umngani wakhe uLinda Mabena obenaye ngesikhathi sesigameko, uthe bamtshele ukuthi akangazingeni.
“Kodwa akakwazanga ukuma abukele ngesikhathi umsolwa eshaya intombi yakhe. Ubewuhlobo lomuntu elimkhathalelayo omunye umuntu. Ubehlezi ekulungele ukusiza abanye,” kusho uLinda.
Okhulumela amaphoyisa aKwa-Thema uConstable uNkululeko Magudulela ukuqinisekisile ukuthi bavule icala lokubulala.
“Umsolwa oneminyaka engama-44 uboshwe ngeSonto ekuseni kanti uzovela phambi kwenkantolo yemantshi e-Springs. Isibhamu esisetshenziswe ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko sibhukhelwe ukuyohlolwa.
Kanti olunye uphenyo lusaqhubeka,” kusho uConstable.