Lubhalwe nguSbongile Nonyana
Isishoshovu sezepolitiki se-ANC uSizwe Nyambi udutshulwe amahlandla amaningi ngaphandle kwakubo e-Schoemansdal, eMpumalanga, ngoLwesibili ebusuku.
Amaphoyisa manje athungatha inkabi.
UNyambi, owayengumengameli we-SRC e-Tshwane University of Technology, uhlaselwe ngabo-9.20 ebusuku ngesikhathi efika ekhaya ehamba nomngani wakhe.
Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uColonel Donald Mdhluli, uthe owesilisa obegqoke ijezi elimnyama nesigqoko esimhlophe ufike ngesikhathi uNyambi evula isango lakhe wadubula kaningi wamlimaza kanzima.
“Umsolwa uqhubekile nokudubula umufi ngesikhathi ezama ukubaleka ukuyobheka indawo yokuphepha,” kusho uMdhluli.
UNyambi uphuthunyiswe esibhedlela esiseduze esesimweni esibucayi.
UNyambi owaziwa ngokwenza amavidiyo eveze uvo lwakhe kwezepolitiki ezinkundleni zokuxhumana, ubesanda kwenza ividiyo ku-Facebook egxeka abasebenzi bakamasipala waseNkomazi ngezinkinga zokuphakelwa kwamanzi ezigodini zendawo ngaphambi kwesigameko.
UMajor-General Zeph Mkhwanazi, ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, ukugxekile ukuhlasela wathembisa ukuthi kuzothathwa izinyathelo ezisheshayo ukuze kuboshwe umsolwa.
Onolwazi uyanxuswa ukuthi athinte i-Crime Stop ku-08600 10111 noma asebenzise i-MySAPSApp. Lonke ulwazi luzophathwa ngokuyimfihlo, futhi abafonayo ngeke badalulwe.
Esithombeni esingenhla: USizwe Nyambi.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
