Isishoshovu esilwisana nobugebengu sishone kubanjwa inkunzi

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Obelwa nobugebengu uTeffo Shaun ubulawe esigamekweni sokugetshengwa kwebhizinisi enxanxatheleni yezitolo iLeondale ngaseVosloorus, eKurhuleni.

NgoLwesihlanu, abasolwa ababalelwa kwabayishumi bagebenga isitolo ngaphambi kokubulala uSaun endaweni yesigameko.

USaun ubulawe ezama ukuvimba abasolwa ukuthi baphume esitolo.

Amaphoyisa abophe abasolwa abathathu kanti amatasa athungatha abanye.

Ilungu lomphakathi ebelisendaweni yesigameko litshele i-Scrolla.Africa ukuthi iqulu labasolwa lingene esitolo lasabisa abasebenzi namakhasimende ngesibhamu.

Abasebenzi bayalelwe ukuthi balale phansi. La madoda abe esegqekeza isitolo ethatha izimpahla zabasebenzi okubalwa omakhalekhukhwini, imali, okhiye bezimoto nokudla.

“Abasolwa baqhubekile baya esitolo esidayisa utshwala bakhomba abasebenzi namakhasimende ngezibhamu bathatha nezimpahla zabo, utshwala nogwayi,” usho kanje.

Ngesikhathi abasolwa bephuma enxanxatheleni yezitolo, uSaun nongumnikazi wenkampani yonogada bavimbe abasolwa ngemoto.

“Ngesikhathi bephuma abasolwa bafice umgilwa evala isango esebenzisa imoto yakhe. Abasolwa badubule kaningi emotweni yakhe wakwazi ukubaleka,” kusho ozibonele.

“Ngesikhathi abasolwa bebona umgilwa ebaleka bamlandela bamdubula emhlane eduzane.”

Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola ukuthi uSaun ushonele khona lapho.

Isithombe esingenhla: UTeffo Shaun odutshulwe wabulawa esigamekweni sokugetshengwa kwebhizinisi eLeondale ngaseVosloorus, eKurhuleni.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva