Celani Sikhakhane
Kubukeka sengathi asisifundanga isifundo isishoshovu se-Fees Must Fall, uBonginkosi “Education” Khanyile.
NgoMgqibelo kwabelwanwe ngevidiyo kaKhanyile ezinkundleni zokuxhumana esesitolo ebhikishela ukukhululwa kowayenguMengameli wezwe, uMnu uJacob Zuma.
Uzwakala ememeza ethi, “amandla!” nokukhuthaza abantu ukuthi basekele ukukhululwa kukaZuma.
“Siyaninxusa ukuthi nisixhase ukuze ezokwazi ukuphuma ejele,” kusho uKhanyile.
Isigwebo sokuboshelwa endlini sikaBonginkosi Khanyile siphele ngoMasingana kulo nyaka futhi manje usephambili emibhikishweni ka-Free Zuma eyenzeka eThekwini nakwezinye izindawo zase-KZN.
UKhanyile waboshwa ngowezi-2016 esafunda e-Durban University of Technology walahlwa yicala lokudala udlame emphakathini. Wagwetshwa isigwebo seminyaka emihlanu esilengisiwe futhi wanikezwa isigwebo seminyaka emithathu sokuboshwa endlini ngowezi-2019.
Uhole imibhikisho ye-Fees Must Fall eyenzeke ezikhungweni zemfundo ephakeme ezweni lonke. Ngaleso sikhathi abafundi babefuna ukuthi kwethulwe imfundo yamahhala kanti uZuma wayesenguMengameli.
UKhanyile, exhaswa ngumama wakhe, uPhumzile Khathini, uphinde wabamba iqhaza emlindelweni wasebusuku we-Free Education obubanjelwe ngaphandle kwase-Union Buildings.
Ngowezi-2017 wavakashelwa yi-EFF CIC uJulius Malema ejele lase-Westville ngemuva kokuba kube nguyena kuphela umuntu ovelele eqenjini elalisondele embhikishweni we-Fees Must Fall owaboshwa ngowezi-2016. I-EFF yathumela u-Advocate Dali Mpofu ukuyomumela enkantolo.