Isishintshiwe inombolo yomzila wendawo ebizwa ngeHel

Isisuse umsindo indawo yokungcebeleka egudle ulwandle yase-Poland, i-Hel ngenxa yomzila wayo wamabhasi abawubiza ngokuthi i-Bus 666 abantu abaningi abavame ukuwubiza njengekasathane.”

Kodwa amaqembu ezenkolo asephakamise izikhalazo zawo ngalokhu futhi umphathi wezokuthutha usenqume ukushintsha inombolo yomzila ibe ngu-669, ukusindisa wonke umuntu kulezi zinsolo zokuthi le nombolo ethi-Bus 666 iqhakambisa usathane.

Abanye abantu bangacabanga ukuthi leli ihlaya, kodwa abantu abaningi abangamakholwa abazange bakuthandisise lokhu.

Indawo i-Hel isendaweni enhle engamakhilomitha angu-35 futhi yaziwa ngamabhishi ayo akude nemizila esehlathini. Impela iyindawo enhle emangalisayo naphezu kwegama layo. 

Sekuyiminyaka abantu bemukela lenombolo yomzila wamabhasi, beyibona iyinto nje efana nehlaya.

Kodwa inkampani yezokuthutha i-PKS Gdynia ayikwazanga ukumelana nenqwaba yezincwadi nezikhalazo ezivela emaqenjini amakholwa nakwabanye abantu.

Bathathe isinqumo bashintsha inombolo yaba u-669. Inombolo kasathane angeke isaba khona emgwaqeni omkhulu oya e-Hel!

Okhulumela i-PKS Gdynia, uMarcin Szwaczyk uvumile ukuthi ibhodi labaphathi liphoqwe ingcindezi yezincwadi ebebehlezi bezithola eminyakeni edlule, kubika i-Sky News.

USzwaczyk ugcizelele ukuthi uma kunganesizathu ezizwakala ngokwanele sokubuyisela inombolo-666 mhlawumbe bangacabanga kabusha isinqumo sabo.

Incwadi yamaKhatholika ethi-Fronda ayizange iwasho amazwi okuthi ukusetshenziswa kwenombolo-666 kuwubuwula bukasathane.”

Ngokusho kwabo isihogo akusiyo indawo yokudlala. Bakholelwa ukuthi kumele ukufa nokuhlupheka kwaphakade.

Luhlanganiswe umbhali we-Staff

Isithombe esingenhla: Ibhasi eliya e-Hel

Izihloko zakamuva