Isishabasheki sikhuthuza abaphila negciwane lengculaza

Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa

UZukiswa Gorvan wase-Chaguba, e-Port St Johns e-Eastern Cape useneminyaka eyishumi ephila negciwane lengculaza kanti manje usesebenzisa isipiliyoni sakhe ukweseka abanye abantu abaphila naleli gciwane ku-WhatsApp.

UZukiswa wathola ukuthi unaleli gciwane eneminyaka engu-16– kusukela lapho kwaqala kwaba khona ukucwaseka emphakathini kanye nasesikoleni okwamenza ukuthi avele ayeke ukudla imishanguzo yakhe kwaze kwaba kabili phakathi kuka-2014 kanye no-2017.

“Ngase ngivele ngigula ngesikhathi ngithola ukuthi nginaleli gciwane. Ukuzwa ukuthi nginegciwane lengcuzala kwangenza ngagula kakhulu ngoba ngangingafuni ukwamukela,” kusho uGorvan.

UGorvan waqala ukuthatha imishanguzo wase elulama. Ekuhambeni kwesikhathi wazibona esewumqemane futhi esekhuluphele wase ebona ukuthi asisekho isidingo sokuthi aqhubeke nemishanguzo yakhe yama-ARV.

“Ngemuva kokuthi ngiyeke ukuthatha imishanguzo yami ngo-2016, ngavele ngagula kakhulu ngo-2017 kangangokuthi umama wami wayeselindele igama lokuthi sengishonile,” esho.

“Kusukela lapho ngathatha isinqumo sokuthi ama-ARV abe ngumngani wami futhi ngingahlukani nawo kuze kube imanje.”

UGorvan uke watholakala ukuthi unomdlavuza wesibeletho ngonyaka owedlule kodwa wasinda.

Ngonyaka odlule ugqugquzelwe ezinye izishabasheki ezinkundleni zokuxhumana, okuyilapho aqale khona ukutshela umphakathi ngesimo sakhe.

“Ngiqale iqembu lokwesekana ku-WhatsApp ngoba asinawo amaqembu okwesekana emtholampilo wangakithi. Iziguli ezisanda kuthola ukuthi zinaleli gciwane azazi lutho ngaleli gciwane, azazi nokuthi ungakanani umthamo wegciwane nokuthi iluphi uhlobo lwemishanguzo abalusebenzisayo,” esho.

UGorvan ubuzile ngalolu daba emtholampilo wendawo, watshelwa ukuthi izikhungo zezempilo zihlale zigcwele kanti futhi abahlengikazi ngeke bakwazi ukuhlala nesiguli imizuzu engaphezulu kuka-20 ngoba abasebenzi bambalwa.

Ukuphathwa kabi abasebenzi basezikhungweni zezempilo ikhona okwenza abantu abasha bangabi nawo umdlandla wokuya khona.

Eqenjini labo banabahlengikazi ababili kanye nodokotela oyedwa obanika izeluleko zezempilo. Uma ufuna ukujoyina iqembu labo xhumana naye kule nombolo yocingo 076 044 3347.

Osesithombeni esingenhla: UZukiswa Gorvan

Umthombo wesithombe: @Zukiswa Gorvan

Izihloko zakamuva