Isisemome eyomhlaba yebhola lomnqakiswano ezodlalelwa kuleli

Lubhalwe nguMichael Madyira

IKapa isikulungele ukusingatha iNdebe yoMhlaba yebhola lomnqakiswano yakulo nyaka ezoqala ngomhlaka-28 kuNtulikazi lapho elakuleli elizobanga khona isicoco okokuqala ngqa.

Umdlalo wokuqala womqhudelwano uzovula ngokuthi amaProteas abhekane ne-Wales e-Cape Town International Convention Centre.

I-Sri Lanka ne-Jamaica ngamanye amaqembu aku-Group C nelakuleli futhi abukeka engathusi.

Selokhu yagcina ukufinyelela kowamanqamu ngo-1995 futhi laphuma endaweni yesibili. Elakuleli lithwale kanzima ukuze lidlale esigabeni esikhulu kunazo zonke kwelomnqakiswano.

“Sekuyisikhathi sokuthi elakuleli lomnqakiswano lizibeke ebalazweni,” kusho uMengameli webhola lomnqakiswano wakuleli uCecilia Molokwane.

“Sekuyisikhathi sokuthi elakuleli  ligqame ebholeni lomnqakiswano. Sekuyisikhathi sokuthi abesifazane bagqame futhi kugqame neSPAR Proteas. Bengenza kahle kuphela uma sonke singabeseka.

“Siyazi ukuthi iSPAR Proteas lizokwenza isiqiniseko sokuthi le ndebe ayiphumi kuleli.”

Amazwe angu-16 azobe eseKapa kanti i-Afrika izomelwa amaqembu amane elakuleli, i-Zimbabwe, i-Malawi ne-Uganda.

UJeante Strydom ovikela amagoli kwiSPAR Proteas uzodlala kwiNdebe yoMhlaba okokuqala futhi unezinhlelo zokuthi bathole ukuhlonishwa kulo mqhudelwano.

“Ngicabanga ukuthi kusobala ukuthi sizophuma siyogubha,” kusho uStrydom.

“Ngicabanga ukuthi lokho kungaba yinto yokuqala okufanele yenziwe. Ngokusobala sizonika uNkulunkulu ukubonga ngoba usithwalile kulolu hambo ngamunye wethu. Kodwa njengeqembu ngicabanga ukuthi sizogubha ndawonye futhi empeleni sizophuma sibe nobusuku obuhle. “

Elakuleli liqede endaweni yesine emqhudelwaneni wokugcina wama-quadrennial international obusingethwe iNgilandi. Ukaputeni weqembu lakuleli uBongi Msomi uzobe edlala kwiNdebe yoMhlaba yesine.

Esithombeni esingenhla: Abadlali bakuleli brbhola lomnqakiswano

Umthombo wesithombe: Netball South Africa

Izihloko zakamuva