Dylan Bettencourt
Kwividiyo eputshukile esisabalele ezinkundleni zokuxhumana, abadlali baphambili be-Barcelona u-Ousmane Dembele no-Antoine Griezmann babonakala behlekisa ngabasebenzi basehhotela lase-Asia.
Kule vidiyo, okucatshangwa ukuthi yathwetshulwa ngowezi-2019 ngesikhathi iqembu livakashela e-Japan, kuzwakala uGriezmann oneminyaka engama-30, ethi: “Bonke lobu buso obubi, ukuze nje udlale i-PES [Pro Evolution Soccer], awunamahloni?”
Le vidiyo, okubukeka sengathi ithwetshulwe uDembele oneminyaka engama-24 egumbini lehhotela, ikhombisa ochwepheshe ababili bezama ukulungisa izinkinga zobuchwepheshe laba badlali be-Barcelona ababenazo kumabonakude wabo. Abadlali bezwakala bekhuluma ulimi lwesi-French.
UDembele uqhubeka athi: “Hlobo luni lolimi lolu?” ngaphambi kokubuza ukuthi, “ingabe nithuthukile ngokwezobuchwepheshe ezweni lenu noma cha?”.
I-Barcelona ixhaswe i-Rakuten, inkampani enkulu yokuthengisa yase-Japan.
Isivumelwano phakathi kwala mabhizinisi amabili samenyezelwa ngowezi-2016 kanti kubikwa ukuthi sibiza izigidi ezi-R912 ngonyaka. Lesi sivumelwano kwavunyelwana ngaso iminyaka emine kodwa siphinde sanwetshwa ngomunye unyaka.
Abekho abadlali noma iqembu uqobo abaphendulile kulokhu kusolwa kobandlululo. Kodwa abaxhasi babo base-Japan kungenzeka bangathokozi ngale vidiyo eputshukile.
Umthombo wesithombe: @FcBarcelonaNoticias