Isiqalile imijaho ye-Formula 1 ye-Miami Grand Prix

Dylan Bettencourt

I-Miami Grand Prix yokuqala ngqa ibe ngundabamlonyeni edolobheni le-Formula 1 isonto lonke njengengxenye yokukhula kwezemidlalo eMelika. 

Kusukela ekubambeni i-Grand Prix eyodwa kwi-Circuit of the Americas e-Texas kuya ekubambeni omunye umjaho waseMelika e-Miami kulo nyaka futhi kade isimemezela i-Las Vegas Grand Prix yonyaka ozayo, i-Formula 1 isifike kahle eMelika isizwa uchungechunge lomdlalo odumile kwi-Netflix othi Drive to Survive.

I-Miami Street Circuit izoba  umcimbi omkhulu wedolobha impelasonto yonke njengoba abahleli baze bengeza amanzi kwi-marina ukuze baphumelele.

UCharles Leclerc ne-Ferrari bazobe benethemba lokugwema impinda ye-Imola Grand Prix lapho belahlekelwa khona amaphuzu abalulekile ezimbangini zabo i-Red Bull ethole iphuzu elilodwa kwamabili.

I-Ferrari isahamba phambili ihleli esicongweni, kodwa ngamaphuzu ayishumi nanye kuphela kanye nomfutho we-Red Bull bazobe befuna ukudlula ngendlela ehlanzekile ohlangothini lwase-Italy kule mpelasonto.

Noma ngubani oweqa umugqa wokuqala ngeSonto uzoba ngowokuqala ngqa ukuwina i-Miami Grand Prix.

Lo mjaho uzodlala ngeSonto ngo-9.30 ebusuku bukhoma kwi-DStv channel 215.

➤ Umdlalo we-Premier League phakathi kwe-Liverpool ne-Tottenham Hotspur ngoMgqibelo ubaluleke kakhulu kuzo zombili izinhlangothi kodwa ngenxa yezizathu ezihluke kakhulu.

Alukho uhlangothi olungakwazi ukuhlulwa futhi nokudlala ngokulingana kungabashiya besengozini.

I-Liverpool isendaweni yesibili emiqhudelwaneni yeligi isele ngephuzu elilodwa kuphela kwi-Manchester City. Ukudlala ngokulingana noma ukunqoba kwe-City kuzoshiya i-Reds ngamaphuzu amathathu kusasele imidlalo emithathu.

Ngakolunye uhlangothi i-Spurs isendaweni yesihlanu isele ngamaphuzu amabili kwi-Arsenal. Ukwehlulwa kweqembu lase-London kungenza amathemba e-Uefa Champions League ashabalala.

Lo mdlalo okumele bawunqobe kuwona womabili la maqembu uzoqala ngoMgqibelo ngo-8.45 ebusuku uzodlala bukhoma kwi-DStv channel 203.

➤ I-Orlando Pirates iqala uhambo lwayo olwandulela owamanqamu kwi-CAF Confederations Cup ibhekene neqembu lase-Libya i-Al Ahli Tripoli ngeSonto.

Yize amaBhakabhaka adlala emdlalweni wasekhaya, agila  izimanga esigabeni sezwekazi afinyelela kowandulela owamanqamu nokuba izintandokazi ukuphakamisa indebe.

Njengoba amaBhakabhaka ebukeka engeke akwazi ukungena emqhudelwaneni wezwekazi ngesizini ezayo ngeligi yasekhaya ithemba layo lokudlala kulo mqhudelwano ngesizini ezayo ukunqoba indebe.

Ukunqoba isicoco se-Confederations Cup kuzowasindisa amaBhakabhaka kule sizini ebiphoxa kakhulu.

Kodwa kumele baqale badlule kulezi zinkunzi zase-Libya baqale ngomdlalo osekuhambeni ngeSonto ngehora lesithupba ntambama uzodlala bukhoma kwi-DStv channel 202.

Umthombo wesithombe: @F1

Izihloko zakamuva