Isiqala ukuhlukumeza umphakathi ingxabano kukaNgqongqoshe nemeya

Celani Sikhakhane

Izingxabano zezombusazwe KwaZulu-Natal ziphazamise izinhlelo zokusiza imiphakathi ekhahlanyezwe izikhukhula ezibulale abangu-24 esifundazweni ngempelasonto edlule.

UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwabantu uJomo Sibiya usolwa ngokuvalela eceleni imeya ye-DA kumasipala waseMngeni uChris Pappas ngesikhathi ehambele ukusiza imindeni ekhahlanyezwe izikhukhula.

Kuthiwa uSibiya ukhethe ukuvakashela eMngeni ehamba nezimeya ze-ANC kuphela engamazisile uPappas.

Edinwe egane unwabu uPappas washayela uSibiya ucingo efuna ukwazi ukuthi kungani enqume ukuvakashela imiphakathi yangakubo engamtshelanga.

Lolu daba lugcine seluletha ukukhathazeka emiphakathini ebinovalo lokuthi ingase igcine ingalutholanga usizo ngenxa yempi yepolitiki ephakathi kwe-ANC ne-DA.

Lokho kwesaba bekunesisekelo esiqinile, njengoba uSibiya selokhu akhipha isitatimende esola uPappas ngokuvimba usizo waphinde wavimba indawo okungenwa kuyona eMngeni.

“Siyayichitha imizamo yokufaka ipolitiki ekusungulweni kokuhlaliswa kwabantu kunoma imuphi umholi womphakathi. Lokhu kubandakanya osopolitiki kuwo wonke amaqembu epolitiki,” kusho uSibiya.

“UPappas uqale umkhankaso wokufaka lo masipala ngaphansi kwe-No-Go-Area Fiefdom yakhe phezu kokuthi amakhulu emindeni ehluphekile ngezindawo zokuhlala.

Izimvula ezinamandla nezikhukhula zidale umonakalo olinganiselwa ku-R3-billion KwaZulu-Natal.

Imiphakathi yaseNdwedwe, eMgungundlovu, eNquthu, eMkhanyakude kanye neTheku ilahlekelwe izindlu, imigwaqo igugulekile kanye namabhizinisi.

Imiphakathi yabalimi nayo ithinteke kakhulu ngenxa yezikhukhula. Ezindaweni zasemakhaya umonakalo udalwe umbani obulale inqwaba yezinkomo kwasha nemizi ikakhulukazi eJozini.

Abalimi bamoba nabo babhekane nobunzima obukhulu. Zingaphezu kuka-1 000 izindawo zokulima ezingaphansi kwabalimi abangu-70 ezikhahlamezekile.

Manje bafuna uhulumeni amemezele lesi simo njengenhlekelele kuzwelonke ukuze bakwazi ukuthola izimali ezindaweni ezifanele.

UMuzi Hlongwane ongumlimi uthe nakuba beyithokozela imvula kodwa iba inkinga uma isinetha kakhulu ngoba ilimaza umkhiqizo wabo.

Izihloko zakamuva