Celani Sikhakhane
Ukuphuza eshibhini kuqhubeke kwaze kwaba sebusuku yize amakhasimende ekhononda ngokuthi utshwala bunambitheka kabi.
Kodwa-ke ubusuku benjabulo ebabazekayo obushukunyiswa utshwala obungemthetho baphela ngenhlekelele.
Ngemuva kwamahora, abakade bephuza bonke basuka e-Spring Valley eXobho ngase-Port Shepstone baphathwa isisu kanye nesicanucanu.
Abayisikhombisa baphuthunyiswe esibhedlela sendawo. Ezinsukwini ezimbalwa, bonke babebulewe ushefu.
Okhulumela imindeni, uVumile Shabane, uthe bafuna kwenziwe ubulungiswa ngokwenzeke ngempelasonto.
“Sisola ukuthi ubhiya wasekhaya ubuqukethe izithako ezinobuthi kwazise ukuncintisana kuqinile kuleli bhizinisi,” esho.
“Sitshelwe ukuthi bangeza nge-sanitizer noma amanzi ebhethri kuxutshwe uphayinaphu nesinkwa esinsundu ukuze uphuzo lwabo olwenziwayo lube namandla.”
Uthe umnikazi weshibhini wafika kubo ekhala izinyembezi.
“Uthe utshwala bakhe benziwe ngophayinaphu nojinja,” kusho uShabane.
“Ukuhlolwa kwezidumbu kuzocacisa ngembangela yokushona kwabo.”
Labo abashonile nguSiyabonga Khuboni, uLibazisile Mkhize kanye nomyeni wakhe uJamludi Mkhize, uKhoikhoi, obevakashele abakwaMkhize ukuyokwelusa izinkomo zabo, uBhale Mncwabe noLindiwe Ngcongo.
UShabane uthe akekho umuntu oboshiwe njengoba kungekho muntu ovule icala noma obikele amaphoyisa ngalesi sehlakalo.
Ngesonto elizayo, umphakathi uzoba nomhlangano lapho kuzothathwa khona isinqumo ngohlelo lokusebenza.
Uphiko lwezokuxhumana kuMasipala wendawo waseXopo ludlulisele yonke imibuzo kwiMeya uBathobile Ngubo. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.