Sizwe Sibiya
Umculi uKamo Mphela wethule ividiyo yakhe emhlabeni wonke enesihloko esithi-Ghost okuyingoma yakhe yakamuva ayicula nabaculi bama-piano uDaliwonga noFelo Tee.
UMphela osehlale enza amavidiyo omculo kusukela engomeni yakhe yokuqala ethi Nkulunkulu ukhiphe ividiyo ethi-Ghost ngoLwesihlanu mhla zintathu kuNhlangulana.
Amahlaya, i-choreography yomdanso ohamba phambili kanye nokuzilungisa kuhlanganiswe kwakha umsebenzi wobuciko wemizuzu engu-5:38 ubude.
Njengoba kunabalingisi abaqavile nosomahlaya uTrevor Gumbi noRobot Boii, ividiyo kaMphela isibukwe abantu abangu-230 000 ezinsukwini ezintathu iqale ukukhonjiswa ku-YouTube.
Iphinde yafika endaweni yesihlanu emashadini omculo ahamba phambili ku-YouTube ilwisana nengoma kaMaster KG nekaLowsheen ethi Sofa Silahlane eculwa uNkosazane Daughter esendaweni yokuqala ngemuva kwamasonto amane.
Khonamanjalo uMphela ubephakathi kwabaculi abambalwa abahamba phambili abaqokelwe ukubamba iqhaza kwi-YouTube’s Africa Day Concert eyayiphethwe ngu-Idris Elba e-Nigeria ngomhlaka-25 kuNhlaba.
Umculi we-My Name Is uBusiswa nguyena kuphela omunye umculi owamenywa ukuba yingxenye yale khonsathi yomculo ehambisana nabaculi abaqhamuka kwamanye amazwe amane ase-Afrika, i-Congo, i-Nigeria, i-Sierra Leone ne-Tanzania.
Umthombo wevidiyo: YouTube