Sizwe Sibiya
Bawuqale kahle unyaka omusha, uKasango noZakes Bantwini njengoba bekhiphe ividiyo yengoma yabo yodumo yonyaka ka-2021 ethi-Osama.
Le vidiyo iqala ngengxoxo phakathi kuka-Osama olingiswa uZakes Bantwini exoxa nobaba wakhe olingiswa umlingisi wodumo uJohn Kani, kanti le ngoma isivele yaba kwinombolo yokuqala kwishadi lamavidiyo anomculo odumile ku-YouTube ngoLwesihlanu.
Ekuqaleni kwevidiyo, uKani uxoxa noBantwini (obonakala egqoke izingubo ezimhlophe), baxoxa ngezomoya njengoba evela emkhuthaza ngamazwi akhe anobuhlakani ngaphambi kokuba uZakes athathe uhambo lwakhe ngesithuthuthu.
“Abaningi bashaqekile ngesikhathi ingoma i-Osama ihlulwa ingoma kaDj Hlo ethi isibani ohlelweni loKhozi FM lengoma ehlukanisa unyaka, ngenjoba iphume endaweni yesishiyagalombili ngamavoti angu-16 484.
Le vidiyo yale ngoma abayikhiphile, uKasango noZakes Bantwini bakwazile ukubuyisa uthando lwale ngoma olwalukhona ngesikhathi isafika.
Yize uBantwini adalula ukuthi amagama ale ngoma awanayo incazelo eqondile, ukuba khona komlingisi odumile uKani kanye nevidiyo yomculo kunike ingoma i-Osama incazelo entsha.
Le vidiyo ebonakala iveza osaziwayo abadala emculweni okubalwa uSjava, uDJ Sbu kanye no-Oskido njengoba isibukwe ngabantu abangu-200,000 ku-YouTube ngemuva kosuku ikhishiwe.
Khonamanjalo uDJ Hlo ongowesifazane oneminyaka engu-24 ubudala ushisa izikhotha ezinkundleni zokuxhumana.
Babodwa abathi wasizwa ukunandisa emcimbini we-picnic kalowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma, obusesigodini sakwaNxamalala eNkandla ngomhlaka-27 kuZibandlela.
Abanye basola umfundisi uVusi Dube webandla elibizwa ngokuthi eThekwini Community Church ngokuhola umkhuleko okuthiwa uholele ekutheni uDJ Hlo anqobe ngamavoti angu-214 966.
Umthomvo wevidiyo: YouTube