Sizwe Sibiya
Njengoba abantu abaningi bengafakaza ukuthi ukuba ngubaba kuleli kungumshikashika wansuku zonke, kodwa uSamthing Soweto lokho kumenze wathatha indawo yokuqala kumashadi omculo akuleli.
Ingoma ethi-Amagents ikhuphukele phezulu ngemuva kwesonto. Le ngoma entsha kaSamthing Soweto ibhalwe njengencwadi yeseluleko endodakazini yakhe eneminyaka eyisithupha ubudala eyixwayisa ngobungozi obenziwa abafana.
Iculo elisuka enhliziyweni njengamanje lihlezi phezulu eshadini lomculo ku-YouTube futhi lifike ngaphandle kwevidiyo yomculo.
“Dali wami ithi ngikutshele ngifuna ungizwe ayafana ama-Amagents ayafana amajimbosi,” kucula uSamthing Soweto ecula engomeni yakhe entsha.
“Le ngoma ngiyibhale njengobaba wendodakazi kuleli esiphila kulo,” kubhala lesi sihlabani sase-Soweto, eGoli. Le ngoma isibukwe abantu abangaphezu kwesigidi ku-YouTube.
Lo mculi oneminyaka engu-34 ogama lakhe langempela nguSamkelo Mdolobha unendodakazi ayiqamba igama elitho uNodoli, okusho ukuthi-doll ngolimi lamaNguni.
Izingoma ze-albhamu ethi-Akanamali zihlezi ngokukhululeka ngaphezu kwezingoma ezimbili zika-Master KG wodumo kanye nezabanye abashayi abakhulu embonini yomculo.
Ingoma ethi-Dali Nguwe ihlezi endaweni yesibili, kanti ethi-Sofa S’lahlane ihlezi endaweni yesithathu futhi isibukwe abantu abangaphezu kuka-17 million sekuhlanganisiwe.
Umthombo wevidiyo: YouTube