Isiphumile! Ibhayisikobho yokuqala eqoshwe ngokuphelele isuselwe kuma-tweets othile

Mmaditaba

Ama-tweets abhalwe ngothile ku-Twitter futhi ethokozelwa ngabaningi manje asephenduke ibhayisikobho ehlaba umxhwele.

Uzwe kahle, ibhayisikobho yokuqala ngqa esuselwe kuma-tweets womuntu. Futhi siyayithanda.

Lama-tweets abebizwa nge- # TheStory futhi asabalala emhlabeni jikelele. Kule bhayisikobho kuvela abasebukhosini kanye nosaziwayo.

U-Aziah “Zola” Wells oneminyaka engama-20 ubudala wayeweta e-Hooter e-Detroit, eMelika ngesikhathi owesifazane omhlophe ogama lakhe nguJessica engena endaweni yesidlo sasemini.

Baqala ukuxoxa bathola ukuthi bobabili bebengabadansi abangajwayelekile, banikana izinombolo noZola wathi ngokuzayo uma uJessica ehamba eyodansa, uzohamba naye.

Ngemuva kwezinsuku ezimbalwa uJessica wafona emema uZola ohambweni lomgwaqo lapho bezodansa khona benze nemali eningi. Okuyilapho ke ibhayisikobho iqala khona.

UJessica wafika nesoka lakhe kanye nesinye isithandwa sakhe kulolu hambo. Okulandelayo kuba nezinxushunxushu kuma-tweets ayi-148 abedungekile amanye ethandeka kangangoba abesethandwa futhi elandelwa ngosaziwayo abanjengoSolange Knowles noMissy Elliot abebesenamathele ezingcingweni zabo.

Futhi abethandeka ama-tweets ngokwanele ukuba enziwe ibhayisikobho. Futhi ngokubuka ama-tweets, kuyabonakala ukuthi ibhayisikobho izoshisa izikhotha.

Qhubekani nibhale ama-tweets, ningahle nibe ngabalandelayo.

Izihloko zakamuva