Isiphumile i-album ebizwa nge- “Donda” kodwa uKanye akajabulile

Sizwe Sibiya

I-album ebilindelwe ngabomvu ngowezi-2021 isize yafika, kodwa uKanye West osewaziwa ngelika “Ye” akajabulile.

NgeSonto, inkampani ebizwa nge-Universal Music kanye ne-Good Music ikhiphe i-album kaKanye  enezingoma ezingama-27 iphinde ifake abaculi a bangama-25, kubalwa ikwaya yesonto, uJay-Z, uJammie Foxx iphinde ifake noPop Smoke ongasekho owashona ngonyaka odlule, ufakwe kwingoma yokugcina ebizwa nge-Tell the Version.

Noma ngabe abalandeli beyithokozele kangakanani le-album, uKanye ubeka izinsolo zokuthi inkampani ebizwa nge-Universal ikhiphe i-album ngaphandle kwemvume yakhe. 

“I-Universal ikhiphe i-album ngaphandle kwemvume yami, futhi abazange bafake ingoma ebizwa nge-jail 2 kwi-album”, sifunde kwizithombe akade ezifake ku-Instagram ngemuva kwamahora ambalwa okuphuma kwe-album.

Akukacaci ukuthi uKanye West uzothatha izinyathelo yini ezithathela inkampani ekhiphe le-album, noma ngabe singazi noma unalo yini ilungelo lokwenza lokho.

Le album okwakumele iphume mhla zingama-24 ngoNtulikazi ngowezi-2021, inezingoma ezidumile okubalwa kuzo I- “i-Hurricane” okufakwe kuyo uThe Weekend kanye nomculi we-hip hop u-Lil Baby ocula ingoma yesihlanu kwi-album. Le ngoma ihlukile kunezinye njengoba ifaka izinsimbi zakudala ze-album eyayibizwa nge-College Droput.

Izihloko zakamuva