Celani Sikhakhane
Kube nezinxushunxushu kanye nesiphithiphithi engqungqutheleni yesishiyagalolunye yokukhetha ubuholi be-ANC e-Eastern Cape zisuka nje, nokuholele ekutheni lolu hlelo lubambezeleke cishe amahora ayishumi.
Angu-47 amagatsha avinjwe ukuthi angangeni kule ndawo e-East London ngemuva kokuthi kusolakale sengathi kunezithunywa eziyizipoki ezifakwe ohlwini lwabazongenela ukhetho.
Amagatsha acelwe ukuthi ahlole amalungu awo futhi, uMgqugquzeli we-ANC uDkt Aaron Motsoaledi uthe kukhona okushaya amanzi.
“Lena akusiyona into entsha ukuthi amagatsha ahlole amalungu awo ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela, sikwenzile e-Mangaung kwathiwa yi-quarantine,” kusho uMotsoaledi.
Akukhona okokuqala i-ANC e-Eastern Cape ingena ezinxushunxushwini.
Engqungqutheleni yokugcina yesifundazwe kuqubuke umdonsiswano ngesikhathi izithunywa zishayana ngezihlalo kwathi ngokuhamba kwesikhathi izithunywa zadinga ukuyokwelashwa esibhedlela.
Le nngqungquthela ibushubile njengoba isikhundla sikasihlalo besibangwa ngokulingana nguMlibo Qoboshiyane, u-Oscar Mabuyane kanye noBabalo Madikizela.
UQoboshiyane uthuse abebehambele le ngqungquthela ngesikhathi eshintsha uhlangothi ngomzuzu wokugcina ebambisana noMadikizela.
UMadikizela noQoboshiyane kukholakala ukuthi yibona abaholi beqembu le-Radical Economic Transformation (i-RET) ku-ANC, nakuba kungekho osekuqinisekisile lokhu.
Izithunywa zabo zisuse isiphithiphithi ngesikhathi zifuna abaholi bomdabu, abaholi bamabandla kanye nezinye izihambeli ukuthi baphume ngemuva kokuthi basolwe ngokuba ngamadlelandawonye noMabuyane.
Kuthiwa uMadikizela ungomunye wabaphusha umkhankaso kaDkt Zweli Mkhize wokuba ngumengameli.
UMabuyane usekhempini efuna ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa athathe ihlandla lesibili.