Lubhalwe nguMichael Madyira
Kube nesiphithiphithi ekhempini yeBanyana Banyana ngeSonto ngesikhathi iqembu elibheke kwiNdebe Yomhlaba ye-Fifa yango-2023 liduba umdlalo wobungani wamazwe ngamazwe neBotswana.
Inhlangano eyengamele ibhola kuleli iSafa iphoqeleke ukuthi ibize isikwati sabadlali abangu-14 esihlanganiswe ngokuphuthuma esishaywe ngo 5-0 ngaphambi kwenkundla i-Tsakane ebigcwele phama.
Abadlali abathathu bebehlezi ebhentshini futhi bebengenabo onozinti abanele, kanti umqeqeshi uDesiree Ellis wenze into engajwayelekile njengoba ubebukeka enganandaba nokuqhubekayo.
Uvele wahlala ebhentshini akazange asukume akhiphe imiyalelo yawo wonke umdlalo.
Ngaphandle kokuthi iqembu leBanyana libhikishele inkundla engekho ezingeni e-Tsakane kanye nezinga labadlali beqembu lase-Botswana abaqhudelana nabo, kuvele ukuthi kukhona ukungezwani phakathi kwe-Safa nabadlali.
Abangaphakathi ku-Safa batshele i-Scrolla.Africa ukuthi iSafa nabadlali abakafinyeleli esivumelwaneni ngemali ngokubamba iqhaza eNdebeni yoMhlaba e-Australia nase-New Zealand.
Eminye imibiko iveza ukuthi abadlali basatshiswe ngokuxoshwa ekhempini, kodwa lokho akuzange kubathuse
Inyunyana yabadlali bebhola i-South African Football Players Union isingenelele, yafaka ingcindezi ku-Safa ukuthi ihlangabezane nezimfuno zabadlali. “Lolu wusuku oludabukisayo,” kusho isilomo seBafana Bafana uDoctor Khumalo ku-SABC Sport.
“Singakwenza kanjani lokhu kumqeqeshi uDesiree kanye namantombazane angu-23 azibophezele ukumela iNingizimu Afrika eNdebeni yoMhlaba?
“Kubuhlungu. Kuyihlazo futhi kuphinde kuveze nesithombe esibi ngeBafana Bafana.”
Bekunobuhixihixi obuningi kukhona nabanqatshelwa ukuba bangene kwi-VIP.
Bagcine bevunyelwe ukungena ngesiwombe sesibili.
NgoMgqibelo, abadlali beBanyana banqabile ukuzilolonga, bethi inkundla engekho esimweni ibabeka engcupheni yokulimala.
I-Tsakane ivinjelwe ukusingatha imidlalo ye-Premier Soccer League njengoba ingahambisani nemigomo edingekayo ukuze kuhlelwe imidlalo ekhokhelwayo.
Bekunesiphithiphithi esiholele ekutheni umdlalo ubambezeleke ngehora njengoba i-Safa ibizama kanzima ukuhlanganisa iqembu eligcine lifikile enkundleni yomdlalo ngo-2.45 ntambama.
Abanye babadlali abafike ngomzuzu wokugcina bebebambe iqhaza emdlalweni weqembu ngoMgqibelo futhi babhekene nomunye umdlalo phakathi namahora angu-24.
Okhulumela i-Safa, uMninawa Ntloko akazange atholakale ukuze aphawule ngodaba lwamabhonasi.
Isithombe esingenhla: Amalungu e-South African Football Players Union nabanye abadlali beBanyana Banyana
Umthombo wesithombe: South African Football Players Union