Isiphepho sishiya izinkulungwane zabantu ebumnyameni njengoba i-City Power ilwa nokunqamuka kukagesi emakhaya angu-2,700

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

E-Roodepoort kungene izikhalo ezingu-906 njengoba imigwaqo egcwele izikhukhula, izihlahla eziwile kanye nemisele egcwele amanzi ivimba abasebenzi be-City Power ukuthi bafinyelele ezindaweni ezilimele.

I-Inner City ithole izikhalazo ezingu-309 ngemva kokuba iziteshi ezingaphansi kwe-Observatory ne-Orchards ziphazamisekile, kwacima ugesi e-Cheltondale, e-Linksfield nase-Orange Grove.

Izinkulungwane zabantu kulo lonke elaseGoli ziqale usuku zingenagesi ngemuva kwemvula enamandla, umbani nezikhukhula ezihlasele idolobha ubusuku bonke.

Inethiwekhi yeCity Power ingaphansi kwengcindezi njengoba kungena izikhalazo eziphumayo cishe ezingaphezu kuka-2,700 futhi zilokhu zenyuka.

Amakhaya namabhizinisi ukusuka e-Roodepoort kuya e-Alexandra athintekile njengoba iziphepho zishaye izintambo zikagesi, zalimaza iziteshi ezincane zavimbela nabasebenzi beCity Power ukuba bafinyelele ezindaweni.
Izakhamuzi eziningi zivuke zididekile futhi zikhungathekile futhi azinaso isiqiniseko sokuthi ugesi uzobuya nini.

Okhulumela iCity Power u-Isaac Mangena uthi lesi siphepho senze umsebenzi wokulungisa wathatha kancane futhi waba yingozi. “Ukuna kwemvula isikhathi eside kusaqhubeka nokuba nomthelela emsebenzini wethu wokuphendula kusenesikhathi,” usho kanje.

Ukushaya kombani embhoshongweni wamanzi wase-Northcliff kwengeza isiphithiphithi futhi amaqembu ayathunyelwa ukuyobheka umonakalo.
Kodwa ingxenye enkulu yedolobha isagcwele amanzi, okwenza kube nzima kochwepheshe ukuba bahambe ngokuphepha.

UMangena uthi amathimba awakwazi ukusebenza lapho amabhuloho egcwele amanzi, imigwaqo ivalwe yizihlahla eziwile noma umhlabathi umanzi.
Eminye imigwaqo ivalwe ngabakwa-Johannesburg Roads Agency kanti abasebenzi kumele balinde ukuthi kususwe imfucuza ngaphambi kokuthi bangene.

Izintambo ezingaphansi komhlaba nazo ziyaphazamiseka njengoba amanzi engena emiseleni.
Ukuthola amaphutha cishe akunakwenzeka emanzini ajulile futhi akukho mishini engasebenza ngokuphepha ngaphansi kwalezo zimo.

Umbiko wangaphakathi ukhombisa ukuthi i-Roodepoort iyona eshayeke kakhulu kanti kungene izingcingo zezikhalazo ezingu-906.

IReuven ithole izikhalazo ezingu-402 ezixhumene nezindawo okubalwa kuzo iMulbarton, iGlenvista neSoccer City.

I-Inner City ithole ezingu-309 ngemuva kokwehluleka kweziteshi ezimbili.

IHursthill ithole ezingu-317 ezixhumene nokushaya kombani eNorthcliff.

IRandburg ithole ezingu-288 eFontainebleau, eBryanston naseMalanshof.

ILenasia ithole ezingu-253 ezithinta i-Eldorado Park, i-Welkom Towers kanye ne-Lawley.

I-Alexandra ithole ezingu-209 ngokuphazamiseka kwamakhebuli e-Highlands North naseLombardy East.

IMidrand ithole ezingu-99 ezixhumene nezinkinga yase-Allandale naseKlipfontein View.

UMangena uthi maningi amaqembu azimisele ngokusiza izindawo ezikhahlamezeke kakhulu kodwa ukuphepha kuza kuqala.
Abasebenzi abakwazi ukusebenza uma isimo sisashubile.

I-City Power inxusa izakhamizi ukuthi ziqhelelane nengqalasizinda eyonakele futhi zikhiphe izinto ezisebenza ngogesi ngoba ugesi ungabuya ngaphandle kwesixwayiso.
Abantu abasenawo ugesi bayacelwa ukuthi bawusebenzise ngokuwonga.

UMangena uyaxolisa ngokucisha kukagesi futhi ubonga amakhasimende ngokubekezela ngesikhathi idolobha lilwela ukubuyisela ugesi.
Ucela izakhamuzi ukuthi zibike kucitypower.mobi noma zishayele ku-011 490 7484.

Esithombeni esingenhla: Isiphepho esishiye izingxenye zeGoli zingenawo ugesi

Umthombo wesithombe: ICity Power

Izihloko zakamuva