Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa
Izakhamizi zase-Eastern Cape zisaqhubeka nokubhekana nezinhlekelele zemvelo ngenxa yokushintsha kwesimo sezulu.
NgoMsombuluko inqwaba yezakhamizi zaKwagogela e-Maxesibeni zisale dengwane zingenandawo yokufihla ikhanda ngesikhathi isichotho sicekela phansi uphahla lwezindlu. Kudingeke ukuthi izakhamizi zithole ezinye izindawo zokukhosela.
UNosiphelele Ngxabi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi isichotho esidonse amahora amathathu sibashiye nomonakalo obungacabangeki.
“Nginamagumbi ayisithupha futhi wonke asale enezimbobo ezinkulu ophahleni. Imvula ibingena kulezi zimbobo,” esho.
Kudingeke ukuthi uNgxabi afune indawo yokukhosela komakhelwane bakhe.
“Kudingeke ukuthi sithole omakhelwane abangathintekanga kakhulu njengathi ukuze sikhosele kubo,” kusho uNgxabi.
“Ukucela indawo yokulala komakhelwane bethu njengomndeni wabantu abayisishiyagalolunye akulula, kodwa bangisize kakhulu,” engeza.
UNgxabi uthe yena nomyeni wakhe bahlela ukudayisa izimbuzi ezine noma ezinhlanu esibayeni sabo ukuze bathole imali yokulungisa umuzi wabo.
Nakuba umyeni wakhe engamtholanga umthengi, uhlele ukuqhubeka nokubheka umuntu ozothenga izimbuzi ngoba abanayo enye indlela yokuthola imali.
Esinye isakhamuzi uNosibonelo Dungane uthe bakwazile ukuvala izimbobo ezimbalwa kwelinye lamagumbi abo ebelinomonakalo omncane endlini yakhe enamagumbi amane.
“Wonke amalungu omndeni wami ayisithupha kufanele alale egumbini elilodwa ngoba amanye amagumbi amathathu onakele. Ifenisha yethu izobola ngenxa yamanzi emvula,” esho.
Okhulumela uMasipala wesiFunda i-Alfred Nzo, uLixolile Phethela ukuqinisekisile ukuthi lesi siphepho sicekele phansi izindlu ezibalelwa ku-17. Uthe njengoba umasipala usaqhubeka nokubheka umonakalo kungenzeka sinyuke isibalo esibikiwe.
“Njengomasipala siyakwazi ukungenelela ngokushesha ngokubahlinzeka ngezipontshi nezingubo zokulala ukuze kuthi noma belala [ezindlini] zomakhelwane babo babe nokuthile esandleni,” etshela i-Scrolla.Africa.
UPhethela uthe umasipala uhlela ukuthumela imininingwane abayiqoqayo eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni. Uthi umnyango usethubeni lokumemezela isimo senhlekelele bese uqhubeka nokwakhela abathintekile izindlu.
“Izinqubo zokusiza ezinhlekeleleni zihamba kancane futhi lokho kusiphatha kabi ngoba abantu kufanele balinde iminyaka ukuze bathole usizo abaludinga kakhulu. Ngisho nabantu abakhahlanyezwa izikhukhula zangoMbasa nyakenye abakaze bazithole izindlu,” esho.
Esithombeni esingenhla: Izinsalela zemoto esinde esiphephweni esisanda kuba khona Kwagogela e-Maxesibeni, e-Eastern Cape.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe