Isiphakamiso sokunyusa iminyaka yentsha yokuthenga ezikafaru

Nkosihleli Mfundisi

UMengameli uCyril Ramaphosa usephakamise ukuthi kuqale kubantu abaneminyaka engu-21 ukuphuza utshwala.

UMengameli umemezele lolu hlelo enkonzweni yomngcwabo wezingane ezingu-21 ezishone ethaveni yase-Enyobeni e-Scenery Park e-East London ngezintatha ngeSonto ngomhlaka-27 kuNhlangulana.

UMengameli uphinde waxwayisa ngokuthi kumele zivalwe izindawo ezidayisa utshwala uma zibanjwa zidayisela izingane utshwala waphinde waveza ukuthi omncane kwabashonile ubeneminyaka engu-13.

“Abazali kumele bahlangane ekusizeni umphakathi ukukhulisa izingane.”

Emabhokisini angu-21, angu-19 abengenalutho njengoba ababili kuphela abangcwatshwe ngoLwesithathu kanti abasele kulindeleke ukuthi bangcwatshwe ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.

Usizi lwemindeni namalungu omphakathi abebekhona beluzwakala. Owesifazane oyedwa okukholakala ukuthi uyisihlobo somunye walaba abashonile uvele waquleka waphuthunyiswa esibhedlela sendawo.

Phakathi kwabantu abebekhala bekukhona izikhulu zikahulumeni kanye nabaholi bezenkolo nabendabuko.

Eduduza bonke abantu abakade bephume ngobungi babo uRamaphosa uthe kubuhlungu ngoba abazali ngeke baphinde bagone noma baqabule amadodana namadodakazi abo.

“Silahlekelwa isizukulwane sethu sakusasa ngenxa yesihlava sokuphuza utshwala kwezingane ezincane. Utshwala buyalutha kakhulu. Yinto okumele iphuzwe abantu asebenomqondo ophusile, futhi kube ilabo asebeneminyaka esemthethweni ukuze bazokwazi ukubhekana nemiphumela yabo,” kusho uRamaphosa.

“Iziphathimandla zikaMasipala kanye nezikhulu zomthetho zendawo kumele zilalele  izikhalazo ezivela emiphakathini yethu zizithathele phezulu.”

Yize ingakatholakali imbangela yokushona kwabo, kodwa uDkt Litha Matiwane osebenza eMnyangweni wezeMpilo e-Eastern Cape utshele abebezilile ukuthi ukushona ngenxa yokunyathelana akumele kube yinto ebhekisiswa kakhulu.

“Sidinga ukusekela lokho esikutholile ebufakazini obuqoqwe kuleyo miphumela. 

Kungaleso sizathu uMengameli namalungu omphakathi ase-Scenery Park sicela ukuthi abantu balinde imiphumela ngoba lolu phenyo lubucayi futhi kufanele siluthathele phezulu,” kusho uDkt Matiwane.

Yize ingakadalulwa imbangela esemthethweni yokushona kwalezi zingane umthombo osondelene nophenyo utshele i-eNCA ukuthi izingane zibulawe intuthu ephuma emshinini wokuphehla uphethiloli obusetshenziswa ngaphakathi ethaveni.

Khonamanjalo i-News24 ibike ukuthi kutholakale i-carbon monoxide ngesikhathi sokuhlolwa kwezidumbu.

Izihloko zakamuva