Isinyathelo esizosiza impilo yezengqondo sethulwe yi-US Tennis Open

Dylan Bettencourt

I-United States Tennis Association (i-USTA) isimemezele ukuthi i-US Open izoba nezinsiza zempilo yezengqondo kubadlali kulo mqhudelwano.

I-USTA ithe bonke abazoncintisana bazokwazi ukuthola uhlelo olunzulu lwezinsizakalo zezokwelashwa olubandakanya ukwesekwa kwezempilo yengqondo namakamelo angena msindo.

“Abantu abaningi, kubalwa nabadlali, balwa nengcindezi nemizwa eye yavela ngenxa ye-COVID-19,” kusho uMqondisi we-US Open Tournament uStacey Allaster.

Lo mqhudelwano umcimbi wokugcina we-Grand Slam wonyaka wethenisi.

Isilomo sethenisi uNaomi Osaka uphakamise ukukhathazeka ngempilo yengqondo ngesikhathi se-France Open yalo nyaka ngenkathi ejeziswa ngokusho ukuthi uzizwa ekhathazekile ngenkathi ekhuluma phambi kwabezindaba.

Kamuva le ntokazi eneminyaka engama-23 yathi ihlushwe yizigaba zokudangala iminyaka eminingana.

U-Osaka ube esephuma kulo mqhudelwano, ngokuhamba kwesikhathi abahleli bavuma ukuthi bebengakwazi ukusisingatha kangcono lesi simo.

Umpetha we-US gymnast uSimone Biles naye ubesanda kuvela obala ngezinkinga ezihlobene nempilo yengqondo. Owaqopha umlando ngokuthola izindondo zegolide uphume emincintiswaneni eminingana yama-Olimpiki ase-Tokyo angowezi-2020, ethi udinga isikhathi sokugxila empilweni yakhe yengqondo.

UBrian Hainline, oyiPhini lokuqala likaMengameli we-USTA, uthe unethemba lokuthi lesi sinyathelo sizothuthukisa ukutholakala kwezinsizakalo zokuxhaswa kwempilo yezengqondo.

“Inhloso yethu ukuthi izinsizakalo zempilo yezengqondo zitholakale kalula kubasubathi njengezinsizakalo zeqakala elikhubazekile – futhi ngaphandle kokucwaswa,” kusho uHainline.

Umthombo wesithombe: @Dezeen

Izihloko zakamuva