Isinyathelo esihle senqubekela phambili – kusho uModise

Timmy T Maranda

Ingwazi yeBanyana Banyana uPortia ‘Bashin’ Modise uzwakalise injabulo yakhe ngokumenyezelwa koxhaso olusha lwe-Hollywoodbets Super League.

UModise utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uyamamukela umxhasi omusha wathi lokhu kungukutshalwa kwemali ebholeni labesifazane – yize kusekude phambili.

“Ngijabule kakhulu, bengilokhu ngishumayela ukuthi sidinga umxhasi. Ngeke sithi sithuthukisa ibhola labesifazane ngaphandle kwabaxhasi,” kusho yena.

“Ngibonga kakhulu umxhasi omusha. Manje, umdlali ovelele wesifazane usezothola izi-R2,000. Phambilini bekutholwa indebe kuphela kodwa uma ubheka ibhola labesilisa, bathola izi-R10,000. Kuzosisiza lokhu,” eqhubeka.

Lo mdlali oneminyaka engama-37 uthe, njengaye abaningi badlale ezingeni eliphezulu kakhulu lomdlalo wabesifazane, “kodwa akukho esingakubonisa.”

UModise, owayedlalela amaqembu abesifazane i-Orlando Pirates neJomo Cosmos ngaphambi kokuthuthela e-Denmark ngowezi-2007, uthe ayikho imali kulo mkhakha, futhi yilabo kuphela ababedlalela iqembu lesizwe abake bathola ‘izindodla’ zezezimali.

“Manje, ngicabanga ukuthi siqala ngenothi elifanele. Ngemuva kwe-Covid-19, kufanele sinikeze abakwa-Hollywoodbets ukuthi bazongena besize ibhola labesifazane ukuze likhule,” kusho uModise obedlala ku-Fortuna Hjørring kuligi yase-Denmark i-Elitedivisionen.

Le ngwazi, eyamemezela ukuthatha umhlalaphansi ebholeni lamazwe omhlaba ngowezi-2015 ngemuva kokudlala imidlalo eyi-124 nokushaya amagoli ayi-101 kuBanyana Banyana, ikholelwa ekutheni abadlali bebhola besifazane bafanelwe ukukhokhelwa njengabadlali bebhola besilisa kwi-DStv Premiership.

“Ngikhuthaza ezinye izinkampani ukuthi zitshale imali ebholeni labesifazane njenge-Hollywoodbets.”

Ukwethulwa ngokusemthethweni komxhasi kuhlelelwe uLwesibili e-Safa House, ngo-12: 00 ntambama.

Umthombo wesithombe: @PortiaModise

Izihloko zakamuva