Isinqumo seqembu le-ATM sithuse abaningi

Lungani Zungu

Owayengumsakazi aphinde avele kumabonakude uNomakule “Kuli” Roberts ungene ohlwini lwamakhansela izinsuku ezinhlanu ngemuva kokuthi iqembu asanda kulithola i-African Transformation Movement selimchithile.

Iqembu le-ATM limangaze abantu abaningi ngesikhathi liqoka uRoberts ukuba angene kuhlu lwamakhansela azokhethwa kwiwadi-65 lase-Tshwane njengoba kuzokhethwa ohulumeni bendawo mhla zi-1 kuLwezi.

Okuphinde kwathusa abantu futhi ingesikhathi iqembu liphinde libuya lichaza ukuthi sekuhlukene inhloko nesixhanti phakathi kwabo noRobert ngenxa yezizathu abangazidalulanga.

“Ngokuhambisana nokushiwo ngenhla, uMs Nomakula Roberts bekumele aphume njengelungu kanye nekhansela lewadi kwiqembu le-ATM,” kubhalwe kwisitatimende.

Umphathi wenqubomgomo namasu uMzwanele Manyi uthe uhambisana neqembu eliwinayo, ngesikhathi ememezela ukungena kukaRobert kuhlu lwamagama ngoLwesithathu.”

“UKhuli yena yedwa, usejoyine iqembu eliwinayo. UKhuli usesayine isivumelwano sokusiza umphakathi aphinde awunakekele,” kusho uManya.

I-ATM angeke ibuzwe ngezinqumo ezithathile zokuhoxisa uRobert ohlwini lwabantu abazongela ukhetho.

Akukacaci kahle ukuthi uRobert ubezosebenza kanjani imisebenzi emibili yokuba ikhansela lewadi kanye nokuba ilungu leqembu ngokusho kwe-Lifestyle Editor ye-Sunday World Newspaper.

Usanda kuveza ukuthi useke wavolontiya eqenjini le-ANC waphinde waveza ukuthi ubefundela ukuba umhlaziyi wezepolitiki kanye nomlando enyuvesi yase-Kapa.

URobert wayenguDJ emsakazweni obizwa ngeKhaya FM kanti futhi wayephinde avele kumabonakude ku-SABC 3.

Imizamo yokuthola uRobert ayiphumelelanga.

Izihloko zakamuva