Isinqumo ngezimenywa zomhlangano weBrics silele kumina: Ramaphosa

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Akekho omunye ngaphandle kukahulumeni oholwa uMengameli uCyril Ramaphosa ongatshela uhulumeni ukuthi kumele aziphathe kanjani izindaba zenqubomgomo yangaphandle.

Lena impendulo yakamuva kaRamaphosa ngezinselelo zenkantolo esezisungulwe izinhlangano ezahlukene zakuleli zokuphoqa uhulumeni wakhe ukuthi abophe uMengameli wase-Russia uVladimir Putin uma evakasha kuleli.

UPutin nabanye abaholi bamazwe e-Brics bamenywe engqungqutheleni yala mazwe asathuthuka ezosingathwa kuleli ngoNcwaba.

Uhulumeni usadingida ukuthi uzoyiphendula kanjani incwadi egunyaza ukuboshwa ekhishwe inkantolo yobugebengu yamazwe ngamazwe ngokumelene noMengameli wase-Russia ngamacala empi e-Ukraine.

Iqembu eliphikisayo elisemthethweni i-Democratic Alliance selifake isicelo eNkantolo eNkulu yaseGoli licela ukuthi kwenziwe isimemezelo “sokuthi uma uMengameli uVladimir Putin efika kuleli ezothamela ingqungquthela ye-Brics njengesicelo senkantolo yobugebengu yamazwe ngamazwe (ICC), uhulumeni kufanele ambophe ngokushesha aphinde anikele uMengameli uPutin ku-ICC.”

“I-DA iqala lesi senzo ukuze igweme ukuphinda isigameko sika-Al-Bashir lapho uhulumeni wakuleli ahluleka khona ukuthobela umsebenzi wakhe wokubopha abantu ngo-2015,” kusho leli qembu lezombusazwe.

URamaphosa uthe uhulumeni wakhe ubengakaludingidi lolu daba.

“Yebo ngibonile ukuthi kukhona abake baya ezinkantolo. Kodwa ekugcineni izindaba zokuphatha inqubomgomo yangaphandle kanye nezindaba zokumema noma ubani njengoba simeme uMengameli wase-Portugal, uMarcelo Rebelo de Sousa kuwumsebenzi wesigungu esiphezulu.

“Akuwona umsebenzi wabanye abantu abangaphandle kwesigungu esiphezulu ngakho uhulumeni kanye noMengameli abamema abaholi bamazwe.

“Lowo msebenzi awugxilile kunoma yimuphi omunye umuntu,” kusho uRamaphosa etshela izintatheli e-Union Building ngesikhathi ehamba noMengameli wase-Portugal ngoLwesibili.

Khonamanjalo, kulindeleke ukuthi uRamaphosa kanye nabaholi bamazwe ase-Afrika abayisithupha baye e-Ukraine nase-Russia ohlelweni lokuthula lwase-Afrika ukuze baqale izingxoxo ezingase ziholele ekumisweni kwezikhali esifundeni.

Esithombeni esingenhla: UMengameli uRamaphosa noMengameli uPutin

Umthombo wesithombe: GCIS

Izihloko zakamuva