Karabo Rammutla
Ngesikhathi owayeyisoka lendodakazi yakhe ecela ukuhamba nomzukulu wakhe (9) ukuze ayodla u-ayisikhilimu, ugogo akazange asole lutho.
Phela kwazise le ntombazanyana ibisineminyaka imazi.
Kodwa ngesikhathi lo mlisa kanye nentombazanyana bengena emotweni yomlisa ebipake ngaphandle kwesango, ugogo uzwe intombazanyana iklabalasa kabuhlungu.
Kuthiwa ubezama ukunquma ikhanda lentombazanyana ngommese wasekhishini.
Ukukhala kwentombazanyana kubikele ugogo nomakhelwane abaseduze abafike bayisiza. Lo mlisa ukhiphe intombazanyana emotweni yakhe wase esuka ngesivinini.
Kodwa umonakalo omkhulu ubusuvele wenzekile. Ingane iphuthunyiswe esibhedlela inamanxeba amabi entanyeni kanti isesimeni esibucayi.
Kusolakala ukuthi le ndoda, ephuma e-Mamelodi ngaphandle kwase-Tshwane, ayizange ikuthathe kahle ukwaliwa.
Ibilokhu eincenga le ntokazi ukuthi babuyelane kodwa yanqaba ngoba isola lo mlisa ngokuyihlukumeza. Uye wasabisa ngokumenza into embi yena nomndeni wakhe kodwa le ntokazi ayizange ikuthathele ekhanda lokho.
Uqhube usongo lwakhe ngeSonto ntambama.
Ngenxa yokwethuka ugogo uye waquleka, yena nomzukulu wakhe bangeniswa esibhedlela.
Ubaba wentombazanyana oyizalayo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ingane yakhe ilwela impilo yayo.
“Ugogo uphume ngoMsombuluko kodwa indodakazi yami isesimweni esibucayi. Bengingakaze ngicabange ukuthi abantu bangaba nenhliziyo embi kanjena, ikakhulukazi ezinganeni. Angizange ngilale ngeSonto, umama wengane akayeki ukukhala,” esho.
Mayelana nomsolwa, “Uyisilwane, akakwazi ukuhlala phakathi kwabantu, udinga ukuvalelwa isikhathi eside”.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Mavela Masondo uthe umsolwa uzinikele emaphoyiseni kanti ubhekene necala lokuzama ukubulala.