Lubhalwe nguKhaya Ndaba
UBongani Fassie, oyindodana yesihlabani somculo esingasekho uBrenda Fassie, uhlaselwe abantu abangaziwa bephethe ipanga.
UBongani, ongumrepha ophinde abe ngumdidiyeli ubehamba nomngani wakhe ngesikhathi abahlaseli besondela kumnyango wemoto yakhe bafike bamhlasela ngento efana nocelemba.
Uphuthunyiswe esibhedlela njengoba ubelimele kakhulu.
Ngokusho kukaBongani, ubeshayela ehlise iwindi kanti nogesi ubungekho ngesikhathi laba besilisa beqhamukabamhlasela.
Bebeqonde ukumshaya esifubeni, kodwa wakwazi ukubamba omunye wabahlaseli wazama ukumphuca isikhali. UBongani akakwazanga ukuvimba abahlaseli ukuthi bamshaye kabili ingalo, okubangele ukuba igazi ligcwale imoto yakhe.
UBongani uthe akazi ukuthi ngobani abahlaseli, kodwa uthole umqhafazo ongajwayelekile ngemuva kokushona kozakwabo ongumculi u-AKA kanti lo myalezo ubuthi ufisa sengathi ngabe nguyena lo odutshuliwe washona.
Umlayezo uphinde wambiza ngokuthi ungumlutha wezidakamizwa waphinde wamthuka.
Lesi sigameko siyingxenye yesimo esikhathazayo kuleli, lapho abantu abadumile behlaselwa abantu abangaziwa.
Lokhu kuhlasela kuveza ukukhathazeka ngokuphepha kwabantu bakuleli. Akukacaci ukuthi ngabe kukhona yini ukushayisana kwalezi zigameko nokuthi ngubani othumela labantu.
Osesithombeni esingenhla: UBongani Fassie
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
Ngabe livuliwe icala?
Ngabe kukhona ababoshiwe kuze kube manje?