Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Isaqhubeka impi ebhekiswe kubaholi bendabuko KwaZulu-Natal. Emizamweni yakamuva kusinde inkosi edumile yase-Camperdown kodwa amalungu omndeni wayo amabili abulewe ngesikhathi ihlaselwa ngoLwesithathu ebusuku.
Izigebengu ezingaziwa zihlasele inkosi uSibonelo Ngcobo wakwaNyavu e-Camperdown ngaseMgungundlovu ngesikhathu isemzini wayo. Lokhu kulandela ukuhlasela okufanayo okwenzeke emasontweni amabili edlule.
NgeSonto isifundazwe saKwaZulu-Natal sivalelise abaholi bendabuko ababili abaqavile: iNduna uSqumfe Mkhize waseMbumbulu eThekwini, umholi wamabutho eSilo uMisuzulu kaZwelithini, iNkosi uZwelakhe Ndaba waseNtabamhlophe e-Escourt.
Umngcwabo wabo ulandele oweNkosi uWalter Ngcobo wakwa-Thoyane eMagabheni ngase-Port Shepstone obekwe endlini yakhe yokugcina ngemuva kokudutshulwa esemzini wakhe.
Izizathu zokubulawa kwabo azikacaci. Ukuqagela kuveza ukuthi umbango oshubile usuka kwezepolitiki uye ngaphakathi emindenini, kodwa okucacayo ukuthi zonke lezi zigigaba zenzeka emizini yamakhosi. Izinduna eziningi azinabo onogada okuzenza zibe sengozini yokuhlaselwa.
Nyakenye kwabulawa amakhosi angu-11 ezigamekweni zokuhlaselwa, kanti kulo nyaka kuphela sekubulawe amakhosi amathathu.
Ekhuluma ngokusinda ngokulambisa kweNkosi uNgcobo nokushona kwamalungu amabili omndeni wakwaNgcobo, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uBongi maSithole Moloi uthe ukuhlaselwa kwabaholi bendabuko okuqhubekayo kubangela intukuthelo nokudabuka.
“Iyashaqisa indlela abantu abenza inhlekisa ngayo ngesikhungo esibaluleke kangaka emphakathini wethu futhi badlala ngezimpilo zabaholi bethu,” kusho uMoloi.
Uthe uMnyango wakhe usebenzisana nezinhlaka zomthetho, eminye iminyango kanye nezinye izinhlaka zikahulumeni ukuqinisekisa ukuthi zikhona izindlela zokuqinisekisa ukuphepha kwamakhosi.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uthe uphenyo lusaqhubeka wathi akekho osaboshiwe kuze kube manje.
Esithombeni esingenhla: Izinhlamvu nesibhamu
Umthombo wesithombe: Pexels